Marumo Gallants (1) 1
Mamelodi Sundowns (0) 3
XOLILE MPISANE
IMAMELODI Sundowns iphinde yasikhuphula isikweletu se-Orlando Pirates kwiBetway Premiership ngesikhathi ibuya isilandela ngemuva inqoba iMarumo Gallants ngo 3-1 eDr Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein, izolo ebusuku.
Kuyiwe emidlalweni yayizolo amaBrazilian ehamba phambili ngamaphuzu ayisishiyagalolunye, aphinde alinweba igebe laba ngamaphuzu angu-12 ngalawa eliwathole ekuhambeni.
Leli qembu likaMiguel Cardoso belinengcindezi yokuwathola ephelele amaphuzu kwazise labuya lilengise izandla ngesikhathi linqotshwa yiTS Galaxy ngo 1-0 komunye weligi owawuseMbombela Stadium ngoLwesibili olwedlule.
Nakuba iSundowns ibe namathuba amaningi esiwombeni sokuqala kodwa kuyiwe ekhefini kuyiGallants ehamba phambili ngo 1-0 ngegoli elishaywe nguJunior Dion ngomzuzu ka-37.
Akuthathanga sikhathi nokho ukuthi leli qembu lasePitoli lizibuyisele emdlalweni ngegoli likaMarcelo Allende kusadlule imizuzu eyisithupha kuqale isiwombe sesibili.
IGallants imoshe inqwaba yamathuba esiwombeni sesibili, yajeziswa ngesikhathi iSundowns ihlohla amabili elandelana ngasekupheleni komdlalo.
ULucas Ribeiro ulivalele phakathi ezihambela yedwa ngomzuzu ka-79, u-Iqraam Rayners wengeza elinye ngomzuzu ka-81.
AmaSandawana aphinde aqeda umdlalo engasaphelele kulandela ukukhishwa kukaDenis Onyango ngekhadi elibomvu ngesikhathi esengezwe ngunompempe.
Lo nozinti uthole ikhadi eliphuzi ngokuchitha isikhathi waphinde wathola elinye ngesikhathi ekheqa eGabadinho Mhango eseyongena ebhokisini.
Ngenxa yokuthi uCardoso ubesezenzile izinguquko ezinhlanu, kuphoqeleke ukuthi kungene uThapelo Morena ezintini emizuzwini yokugcina. Nokho iGallants ihlulekile ukumfaka ngaphansi kwengcindezi, umdlalo waphela ngo 3-1.
AmaSandawana asezihambela wodwa njengoba esehlanganise amaphuzu angu-45 emidlalweni engu-17.
I-Orlando Pirates isamile endaweni yesibili ngamaphuzu angu-33 emidlaweni engu-14 kulandela ukubhuntsha komdlalo obekumele iwudlale neLamontville Golden Arrows eMpumalanga Stadium, izolo ebusuku.
Lo mdlalo awuzange uqale nokuqala ngenxa yokuthi inkundla ibigcwele amanzi. Usuzodlalwa ngolunye usuku olusazomenyezelwa yiPremier Soccer League.
Siyanda isibalo semidlalo Ezimnyama ezisalele ngayo emuva njengoba kwahlehliswa okwakufanele ziwudlale neSekhukhune United ngoDisemba noweRoyal AM ngoJanuwari.
Leli qembu lingase lizithole selibhekene nesiminyaminya semidlalo njengoba lisakhona kwiNedbank Cup kanti futhi nama-quarterfinal eCaf Champions League ayaqala ngenyanga ezayo.
ISundowns izophinde itholane phezulu neTS Galaxy eLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, ngoMgqibelo ngo-5.45 ntambama.
IPirates izozama ukuzisondeza uma isibhekene neCape Town City e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.