USIYABONGA “NSIMBI” Sangweni usawukhumbula umdlalo owandulela owamanqamu weTelkom Knockout lapho i-Orlando Pirates yahlulwa iKaizer Chiefs ngo 6-5 kumaphenathi ngemuva kokuthi umdlalo uphele zibambene ngo 0-0.
Lo mdlalo owawuseFNB Stadium ngo-2015 yiwona iChiefs eyagcina ngawo ukwehlula iPirates kuyona yonke imiqhudelwano. UNsimbi nguyena owaba neshwa lokuthi iphenathi yakhe ingangeni kwaba wukuwasha kwabo ijezi.
Kwenzeka lokhu nje iPirates yayigcine ngo-2014 ukunqoba isicoco idla iNedbank Cup eMoses Mabhida Stadium. Kuze kube yimanje eZimnyama zisalwela ukuqeda le ndlala yezinkomishi esiqhube iminyaka emine.
“Umdlalo wabakhaya (baseSoweto) uhluke kakhulu kuneminye. Ngokwami kuleli usuke ungakalidlali ibhola uma ungazange uwudlale njengoba usuke ubukwa yizwe lonke. Nami ngangizitshela ukuthi ngizoyibeka enethini kodwa ezinye izinto azenzeki ngendlela osuke uhlele ngayo. Kodwa ke ngakwazi ukuvuka ngibuye ngime,” kusho Sangweni.
NgoMgqibelo iPirates izobe iyizivakashi eMabhida eThekwini emdlalweni wabakhaya baseSoweto owandulela owamanqamu weTelkom ozoqala ngo-3 ntambama. IBucs ayikaze iyishaye iChiefs uma behlangene kwiTelkom.
USangweni, othe uzobe ewuthamele nezihlwele lo mdlalo, uthipha eZimnyama ukuthi yizona ezidlulayo.
“IPirates kufanele iwine. Ngiyabethemba abadlali abakhona. Ngokubona kwami inkinga iba sesiwombeni sesibili, okusho ukuthi kumele bagxile kakhulu lapho emdlalweni ukuze bangangenelwa amagoli. Uma kuyiwa phambili bahle kakhulu. Angifuni sijabulele ukuthi iqembu lidlala ibhola elihle. Ngifuna sijabulele ukuthi sidlala ibhola elihle futhi siyawina,” kusho uNsimbi onqobe iTelkom Knockout neZimnyama ngo-2011.
Esikwatini esikhona njengamanje bambalwa abadlali abebeyibambe noSangweni iPirates igcina ukuphakamisa indebe.
Phakathi kwabo ukaputeni uHappy Jele, Mpho Makola, noThabo Matlaba.
“Laba badlali yibona esithembe ukuthi bakhuthaze laba abancane ngokumele bakwenze. Abadlali abakhona manje eqenjini kumele nabo balwele ukuzakhela owabo umlando.” Ebuzwa ukuthi uyibona kanjani iChiefs, uthe, “Iyadlala yona kodwa kimina iPirates izowina.”
Yize ethe umdlalo uwubona uphela ngemizuzu ewu-90 kodwa uma uya kumaphenathi, “laba abaqokiwe (ukuwashaya) basuke bethenjwa futhi akekho umuntu ongayigeji ngoba afana nokugembula."