MHLELI: Kunezikhathi lapho sikhula khona sikhuliswa abazali bethu ngezindlela ezehlukene, abanye abazali bebesikhulisa ngokuthi bayakholelwa emadlozini nokuyobhula. Thina yonke le mpilo siyaye sithi inkolelo-ze nje kuphela. Kodwa sekuyisikhathi sokuthi, thina lusha, sibuyele kuzo lezozi nkolelo-ze zokhokho ngoba zazibaphilisa kakhulu.
Okungenza ngilobe ngenkulumo enjena, yingoba ngikhathazekile ngekusasa lomdlali waseMlaza uBrilliant “Khehlo" Khuzwayo owasayiniswa iqembu lami i-Orlando Pirates. Empeleni uKhuzwayo wasayiniswa sasesimthwala ngeqoma ekutheni uzovala isikhala sikamkhaya wakhe ongasekho uSenzo "Nzori" Meyiwa.
Okungiphatha kabi kakhulu ukuthi uKhuzwayo selokhu afika eMayfair akakaze adlale nhlobo futhi kubukeka ezowabeka ethala engakaze adlale ngenxa yokulimala. Sekukaningana simlindile ukuba afakwe kodwa kungenzeki ngenxa yokulimala. Bengimvotele impela kule ndebe yeCarling Black Label Cup lapho sizodudulana nomkhaya bethu. Ngiphoxekile uma kuthiwa akazokuba bikho nhlobo ngenxa yokuthi utholwe elimele.
Engingamluleka kukho uKhuzwayo ukuba ahambe aphathe isagila ayobheka ngalokhu kulimala kwakhe bese eyolungisa emsamo wakubo manje. Ngibona kuyizinto ezingalungiseka lezi uma engabheka umsamo wakhe. Uma engalungisa umsamo wakhe ngethemba lokuthi kuzolunga futhi kungaphela lokhu kulimala kwakhe okungaqondakali. Mfo kaKhuzwayo, awuthathe isagila uyokubheka, uma ungakwenzi lokho kuzophela ngawe ebholeni lakho.
Khabzela Mzimela
EZWELIBOMVU