INGWAZI eyayilibamba ngenxele kuchwaze ngisho abangayilandeli iMamelodi Sundowns, uRoger Feutmba, ibona ingqayizivele yethuba lokudlulela kowamanqamu weCAF Champions League ngoba iWydad Casablanca abazobhekana nayo kusasa ngo-3 ntambama eLucas Moripe Stadium, ikhombisa izimpawu zokuba buthaka.
UFeutmba, owaqokwa njePlayers' Player of the Season ngo-1998/1999 (ewinisa iSundowns izicoco), unombono wokuthi iWydad ayinalo lolu laka ejwayele ukuba nalo kumasizini edlule.
ISundowns ikhale ngaphansi ngo 2-1 kowomlenze wokuqala njengoba sezithathana kowesilibili kusasa. ISundowns imemezele ukuthi bazongena bhusende enkundleni bonke abazofika befake imibala ephuzi. Okwenza iSundowns noFeutmba babe nethemba yigoli elishaywe ngu-Anele “Tera” Ngcongca ngeledlule eMorocco.
“Angiboni kuzoba nzima njengasemihleni kulokhu ngoba iWydad ikhombisa izimpawu zokwehla kancane kule sizini. Igoli elishaywe uNgcongca ekuhambeni liwubufakazi balokhu. Sengiyibuke kaningi iWydad kule sizini, ayifani. Ngiyakholelwa ekutheni iSundowns inabo abadlali abangayiweza kulo mdlalo. Okumqoka kakhulu wukuthi umqeqeshi (Pitso “Jingles” Mosimane) angazami okuningi ngesikimu njengoba enzile edlalisa uRivaldo (Coetzee) esiswini behlula iBlack Leopards. Akuwona umdlalo wokuzama izinto lo kepha owokuqeda,” usho kanje lo mdlali waseCameroon kodwa osenekhaya kuleli.
Ngokwakhe uPitso kumele aqale ngoHlompho Kekana noTiyani Mabunda esiswini bese eqinisekisa ukuthi ezimpondweni ufaka ijubane.
“Kucacile kowomlenze wokuqala ukuthi ijubane liyayihlupha iWydad. Kufanele senze njalo sikhohlwe okunye. Yithuba elihle kabi leli lokubuyisa udumo lwango-2016 ngoba iWydad yehlile endleleni eyiyona,” usonge kanje uFeutmba.
Komunye umdlalo owandulela owamanqamu weChampions League kuzotholana phezulu iTP Mazembe ne-ES Tunis.
Emdlalweni womlenze wokuqala kuwina iTunis ngo 1-0.