UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, uhlose ukuyibuyisela esitayeleni esayisebenzela iwina izindebe eminyakeni edlule.
IChiefs ishayela phezulu kulandela ukwehlula i-Orlando Pirates ngo-1-0 emdlalweni weDStv Premiership, wabakhaya ngempelasonto edlule. Nakuba lo mdlalo, ohlala ubhekwe ngabomvu eMzansi, ungafinyelelanga ezingeni ebelibhekiwe kodwa iningi libheme lakholwa ngumdlali osemncane weChiefs uMduduzi Shabalala. Lo mdlali obefunda u-matric nyakenye, ubeqala ukudlala kowabakhaya baseSoweto.
UZwane uthe baningi abadlali beChiefs abasebancane abazobonakala uma iqembu selizinzile. UShabalala, obengukaputeni weChiefs kwiDStv Diski Challenge, wenyuselwe esikimini esikhulu noSamkelo Zwane noWandile Duba.
"UMdu ungumdlali okhethekile. Uyafana noNkosingiphile Ngcobo kodwa yena uyashesha. Ngiyakholwa ekunikeni ithuba abadlali abasebancane ngoba nami ngake ngaba nguyena futhi nganikwa ithuba lokuzibonakalisa. Uma ngibheka esingakwenzi kahle siyisizwe, wukunganiki ithuba abadlali abasebancane abafanele ithuba lokuqhakaza kodwa silindele ukuba nabadlali abahle emaqenjini esizwe.
“Esikwatini sika-Under 23 silindele ukuba nabadlali abazodlulela kwesikhulu kodwa asibaniki ithuba. Uma thina sesizinze kahle ngokwalokhu esifuna ukukuzuza, kuzobonakala abanye abadlali abasebancane. Bayikusasa laleli lizwe," kusho uZwane.
Eminyakeni edlule, iChiefs kade ishaya ngabadlali abasebancane abaphenduke izintandokazi zabalandeli. Kulaba badlali kukhona uJabu Mahlangu, Junior Khanye noJunior "Skaapie" Malatsi.
"Uma ubheka umlando weKaizer Chiefs, ngesikhathi isashaya kwasani, kade inabadlali abasebancane abebeluqonda usiko lweqembu nokuthi kuyini ukudlalela iqembu elisezingeni leKaizer Chiefs. Abadlali bethu abasebancane benza kahle. Uma uMdu edlala imizuzu engu-90 emdlalweni omkhulu njengalona, kuyabakhuthaza abanye abadlali abasebancane ukuthi nabo bazoba yingxenye yeqembu ngomuso," kusho uZwane.
IChiefs izobuyela enkundleni ngoMgqibelo isiyobhekana neRichards Bay emdlalweni weDStv Premiership eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngo-3.30 ntambama.