ONGUSIHLALO weNewcastle All Stars edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League, uMagasela Mzobe, usephumele obala ngokudayisa kwakhe iqembu ngenxa yezizathu zokuxinwa wumsebenzi nokugqobhoka kwephakethe ngokuntula abaxhasi.
UMzobe oqokwe ngoJulayi esikhundleni sokuba yinhloko ehhovisini likamengameli weqembu loMkhonto Wesizwe (MK), uJacob Zuma, utshele Isolezwe ukuthi isikhundla asanda kuqokelwa kusona sinomthelela omkhulu ekutheni athathe isinqumo sokulifaka endalini leli qembu.
Ulisungule ngo-2020 kulandela ukuthenga isitifiketi seReal Kings, yaseMpumalanga, eHammarsdale, eyayidlala kwi-ABC Motsepe League.
“Iqiniso ukuthi lesi sikhundla esingikuso njengamanje siyangiphoqa ukuthi ngibe matasa kakhulu. Ngaleyo ndlela angisakwazi ukugxila ngokuphelele ezintweni zeqembu (lebhola), nokwenza kube nzima kakhulu ukulandelelela izinto ngokuphelele eqenjini.
Nanokungakwazi-ke ukwenza izinto ezingingenisela imali, okwenza kube nzima kakhulu ngasephaketheni, nakho lokho kungezinye zezizathu ezingenza ngilidayise iqembu,” kusho uMagasela.
Ubuye waveza ukuchayiswa ngomasipala bendawo, ukufaka isandla ekuxhaseni iqembu, nokubuya elambatha kosomabhizinisi ayengqongqoze kubo, kwenze kwagcina sewuzwela umkhizo ejazini ngasohlangothini lwezimali.
“Yize ngingakamtholi njengamanje umuntu ozothenga iqembu, lona ngiyalidayisa, ngixineke kakhulu. Khona ngibuhlungu ngoba ibhola lisenhliziyweni yami kodwa siyangiphoqa isimo.”
I-All Stars ifakwa endalini nje, isikhiqize umdlali owenza kahle kwiLamontville Golden Arrows, uSiyanda “Skhwishi” Mthanti, naye uMagasela azishaya isifuba ngaye.
Nangaphambi kokuqala kwesizini edlule lesi sikhulu sike sasikaza ukulidayisa iqembu, sabuye sashintsha umqondo ngokuncengwa ngabathandi bebhola basoSizweni, eNewcastle, lapho iqembu lizinze khona, ngenxa yokungabi naqembu elidlala esigabeni seMotsepe League.
Nokho, kubukeka iChess FC eyathenga isitifiketi seHappy Wanderers yasePort Shepstone ngesizini edlule kuyiyona esizoba yithemba labathandi bebhola besifunda Amajuba esigabeni seKZN ABC Motsepe League.