OMUNYE womakadebona owazakhela igama kwiKaizer Chiefs, uReneilwe "Yeye" Letsholonyane (42), akafuni ukugagamela ukusebenza kwiBetway Premiership nakuba esanda kuhlabana ngeCaf A Licence abeyifundela eBotswana.
Phakathi kwathweswe nabo lezi ziqu, uFabian McCarthy naye owake wadlala kwiChiefs, Surprise Moriri noRonnie Kanalelo ababegijima kwiMamelodi Sundowns.
NgokweSouth African Football Association (Safa) lezi ziqu zivumela laba ukuba yizinhloko zabaqeqeshi kwiBetway Premiership nakwiMotsepe Foundation Championship.
ISafa beyifuna ukuwusebenzisa kwisizini ezoqala umthetho ophoqa izinhloko zakuleli ukuba zibe nalezi ziqu.
Nokho ukugqoza kokwenziwa kwezifundo kugcine kuyiphoqa ukuthi iwuhlehlisele kweka-2025/26.
ULetsholonyane ogaxe amakhokho emgibeni ngo-2021, edlalela iTS Galaxy, uqale ukuqeqesha iPimville Young Stars waze wathenga amasheya kuyo.
NgoJanuwari 2023, uqashwe AmaZulu ukuzocija u-Under 17.
Ngo-Agasti zenyukile izimendlela, enikwa isikhundla sokucija iqembu leDStv Diski Challenge (DDC).
AmaZulu uwashiye ngoJanuwari walo nyaka. Njengamanje le nkakha edlale kwiChiefs phakathi kuka-2008 kuya ku-2016, itshele Isolezwe ukuthi ngesikhathi iphasa uCaf A Licence, kwakungathi iyaphupha. Ithe beyingakaze izibone inalezi ziqu. Ithembise ukuthi noma kanjani izoyenza iCaf Pro Licence.
"Bekunzima kakhulu, bengingalali ubusuku nemini. Ngiswele amagama okubonga kwabangesekile. Ngizizwa ngibusisekile," kubeka uLetsholonyane, owanqoba naMakhosi isicoco seligi ngo-2012/13 nango-2014/15.
Ubonge wanconcoza oSuthwini ngokumnika ithuba.
"Ukusebenza kumaZulu kunginike isipiliyoni esiyisimanga. Ulwazi engiluthole kuwo belwenza kube lula ukwenza enkundleni ebesikufunda. Ngibonga nomqeqeshi, uPablo (Martin), obenginika ithuba lokubona indlela enza ngayo izinto.“
ULetsholonyane owadlala nakwi-2010 Fifa World Cup eyayikuleli, uthe akafuni ukujaha ukuyoqeqesha esigabeni esikhulu.
"Kuyingozi ukutatazela ikakhulukazi uma lungakaqini ukhakhayi. IBetway Premiership idinga abaqeqeshi asebenesipiliyoni. Ngokwami sengikulungele ukuba inhloko yabaqeqeshi kwadlala kwiMotsepe Foundation. Nakuba ngisebenza eqenjini lesizwe kodwa ngimatasa ngifuna umsebenzi engizowenza nsuku zonke kulesi sigaba."