South Africa (0) 0
DR Congo (0) 0
IBafana Bafana inqobe ngo 6-5 sekukhahlelwa amaphenathi.
UNOZINTI weBafana Bafana, uRonwen Williams, uphinde waba yiqhawe evimba amaphenathi amabili esiza iqembu lesizwe lakuleli liguqisa iDemocratic Republic of Congo sekukhahlelwa amaphenathi, maqede lakhala lemuka nendondo yethusi lithatha indawo yesithathu kwi-Africa Cup of Nations (Afcon).
Kulo mdlalo wokulwela indawo yesithathu kwi-Afcon obudlalelwa eStade Felix Houphouet-Boigny, e-Abidjan, e-Ivory Coast, ngoMgqibelo ebusuku, ziye kumaphenathi ingekho evuma ukugoba uphondo ngemuva kwemizuzu engu-90.
Ngemuva kokuba isitobha seBafana, uSiyanda Xulu eseshaye iphenathi okuyiyona ebisibeke elakuleli ethubeni lokunqoba, uWilliams obeseyivimbile iphenathi yakhe yokuqala egeza uChancel Mbemba, ubesedinga ukuvimba ekaMeshack Elia ukuweza iBafana, nebala wabuya nayo.
Lo nozinti uvimba la maphenathi nje ubengasaqali njengoba enza esifanayo nakowama-quarterfinal ebuya namane iBafana iguqisa iCape Verde ngo 2-1 kumaphenathi.
Ngenkathi iBafana ibungazela ukuthola indondo yethusi eyayigcine ukuyithola kulo mqhudelwano ngo-2000 iguqisa iTunisa, i-DR Congo kufanele ukuba iyazisola ngamathuba ewalahlile okubhakuzisa inethi kulo mdlalo obekungeke kuyiwe kumaphenathi ukuba ibiwasebenzise ngendlela ikakhulukazi ngesiwombe sesibili.
Ukulimala kukaMothobi Mvala noPercy Tau, nokuphuma ngekhadi elibomvu kukaGrant Kekana kowandulela owamanqamu iBafana ihlulwa yiNigeria, kuphoqe izinguquko kulo mdlalo neDR Congo, uNkosinathi Sibisi eqala umdlalo noMihlali Mayambela, kanye noThapelo Morena.
Ukuphumelela kweBafana ukuthola indondo yethusi kulo mqhudelwano we-Afcon kubuyise ithemba ngaleli qembu lesizwe laseMzansi obesekuphele iminyaka lehluleka ukuhamba ibanga kuwo kwesinye isikhathi lehluleka nokuzibekisela indawo kuwo.
Sekubhekwe owamanqamu phakathi kwe-Ivory Coast neNigeria ngeSonto ngo-10 ebusuku, e-Olympic Stadium of Ebimpe, e-Abidjan.
I-The Elephants ingaphansi kwengcindezi enkulu yokunqoba kowamanqamu kwazise yiyona engosokhaya kulo mqhudelwano eyagcina ukuphakamisa isicoco sawo ngo-2015.