XOLILE MPISANE
UBUYE ngesasasa wabhala kabusha umlando weNingizimu Afrika umgadli weBafana Bafana, uPercy Tau, eshaya igoli ngoLwesithathu ebusuku, emqhudelwaneni oqhatha amaqembu ahamba phambili emhlabeni, iFifa Club World Cup oseMorocco.
Igoli likaTau kube ngelesithathu benqoba ngo-3-0 kwi-Auckland City yaseNew Zealand.
Ngaleli goli, uTau ubhale kabusha umlando weNingizimu Afrika, kwaziwse akekho omunye wakuleli oseke washaya amagoli amabili kulo mqhudelwano.
Igoli lakhe lokuqala kulo mqhudelwano ulishaye ngo-2016, edlalela iMamelodi Sundowns eJapan. Elango-2016, amaBrazilians abika ngalo ebhubhudlwa yiJeonbuk Hyundai yaseSouth Korea ngo-4-1.
NgoLwesithathu, ungene ngomzuzu ka-75 washaya igoli lesithathu ngomzuzu ka-86, engeza kulawo abeseshaywe nguHussein El Shahat noMohamed Sherif.
I-Al Ahly isizobhekana neSeattle Sounders yase-United States, emdlalweni olandelayo nawo ozoba se-Ibn Batouta Stadium namhlanje ngo-7:30 ebusuku.
Iqembu elizonqoba lo mdlalo lizobhekana neReal Madrid kowandulela owamanqamu ngesonto elizayo.
Omunye umdlalo womzuliswano wesibili ozodlalelwa ePrince Moulay Abdellah Stadium, eRabat, namhlanje ngo-4:30 ntambama, uzobe uphakathi kosokhaya iWydad AC ne-Al Hilal yaseSaudi Arabia.
Iqembu elizonqoba lizogadulisana neFlamengo yaseBrazil, kowandulela owamanqamu.
I-Al Ahly ingenile kowandulela owamanqamu kulo mqhudelwano kumasizini amabili edlule ngesikhathi icijwa ngumqeqeshi wakuleli uPitso Mosimane.
Osebambe izintambo kuleli qembu, uMarcelo Koller waseSwitzerland, ubheke ukuthi babhukule ukuze baqhubeke naleli rekhodi.
“I-Auckland siyicindezele kakhulu ngesiwombe sokuqala kodwa ngabacela abadlali ukuthi babavumele baphume kancane ukuze sithole izikhala,” kusho uKoller ecashunwa yiFifaPlus.
“Ngesiwombe sesibili sihlehlile kancane ukuze baphume bese inkundla iyavuleka kancane. Kwenze umsebenzi wethu waba lula, sabajezisa ngokushaya amagoli amabili.
“Isinyathelo esilandelayo wukuzama ukudlula kwiSounders. Ngizobukisisa amavidiyo emidlalo yabo ngibone kahle ukuthi badlala kanjani ukuze sizilungiselele.
"Ngeke kube lula kodwa inhloso yethu wukudlulela emzuliswaneni olandelayo. Lokho kuzodinga ukuzinikela okukhulu kunalokho esikukhombisile emdlalweni wokuqala."
Yize uTau eseshaye amagoli emiqhudelwaneni emibili yeFifa Club World Cup, uzakwabo u-El Shahat, usejoyine uhlu olukhethekile lwabadlali asebekwenze lokhu emiqhudelwaneni emithathu.
Kulolu hlu kubalwa uCristiano Ronaldo noGareth Bale, abakwenza besagijima kwiReal Madrid noLionel Messi, owakwenza esadlalela iBarcelona.