UMDLALO weDStv Premiership wakusasa ne-Orlando Pirates uzonika AmaZulu FC elinye ithuba lokuqeda ishobolo leminyaka lokuhluleka ukunqoba leli qembu laseSoweto.
La maqembu azodudulana e-Orlando Stadium kusasa ngo-5.30 ntamamba nje, asanda kusiphula izidindi eMoses Mabhida Stadium kowama-quarterfinal eNedbank Cup onqotshwe ezikaMagebhula ngo 4-2 ngempelasonto edlule.
Ukukhonya kwePirates ngalolo suku, ibuya isilandela ngemuva ngegoli elilodwa, kusho ukuthi sekuphele imidlalo engu-20 uSuthu luhluleka ukuguqisa eziMnyama emiqhudelwaneni ehlukene.
Umdlali wokugcina ukushayela AmaZulu igoli lokunqoba iPirates nguBongani Ndulula, owavalela igoli ngesikhathi beyinqoba koweligi eFNB Stadium ngo-Agasti ka-2013.
Kule midlalo engu-20 kusukela lapho amaBhakabhaka anqobe engu-11, eyisishayagololunye yaphela zibambene.
Imidlalo engu-16 bekungeyeligi, emine kungeyemiqhudelwano ehlukene yomkhumulajezi.
Umqeqeshi woSuthu, uPablo Franco Martin uthe kusemqoka ukuthi bakhumbule okuhle abakwenze ngesikhathi beqophisana nePirates koweNedbank, bese belungisa namaphutha aholele ekutheni bagcine bewashe ijezi.
“Amalungiselelo ahambe kahle. Kube yisonto elijwayelekile lapho besizama khona ukuthi abadlali basheshe balulame njengoba bedlale umdlalo onzima ngoMgqibelo.
“Bekufanele selapheke nangokomqondo ngoba uma ubona sengathi udlale kangcono kunezitha bese uvinjwa izinto ezithile, kungenzeka uphazamiseke.
“Kuyiqiniso ukuthi sonke besidumele kodwa okuhle wukuthi sesinelinye ithuba lokudlala nabo futhi. ”Sizodlalela ekuhambeni kulokhu, ngakho-ke kuzoba nzima kakhulu,” kusho lomqeqeshi ethimbeni labezindaba zoSuthu.
Uthe bayabazi ubunzima bokubhekana neqembu elifana nePirates e-Orlando Stadium. Bebevele bazi ukuthi lingelinye lahamba phambili kuleli nase-Afrika.
Uziduduze ngokuthi bazowathola amathuba, uma nje bengalungisa izinto abahluleka wukuzilawula emdlalweni odlule, bazobangena lapho bebuthaka ngakhona.
Uqubeke ngokuthi yize kungelula kodwa bayazethemba futhi banesifiso sokubanqoba ngemuva kwesikhathi eside behluleka ukukwenza lokho..
USuthu lusendaweni ka-12 ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-23. UFranco Martin uthe kusemqoka ukuthi baqoqe amaphuzu emidlalweni esele.
Ngesikhathi lamaqembu ebhekene koweligi eMoses Mabhida Stadium ngo-Okthoba nyakenye adlala ngokulingana ngo 0-0.
“Sihlose ukuqeda endaweni ephezulu kwi-log, lokho singakwenza ngokunqoba imidlalo yethu. Abadlali bazimisele ukwenza lokho neqembu liyaseseka, yilokho okusemqoka.
“Sizokwenza lokho size siqede umdlalo wethu wokugcina wesizini esizowudlala neLamontville Golden Arrows,” kuphetha uMartin.