AMAZULU FC amataniswa nonozinti abacoshe amava eSoweto kwiKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uDaniel Akpeyi noSiyabonga Mpontshane.
Omunye unozinti onamava obalwa kulaba nguKing Ndlovu (30), ongenalo iqembu nogcine ukubonakala kwiMaritzburg United neBlack Leopards.
Lezi zindaba Isolezwe Ngempelasonto lizithole ngemithombo eyahlukene; omunye usondelene naMaZulu kanti omunye uzwana nabo abadlali.
“Ngikuzwile ukukhuluma okuthi AmaZulu afundile emaphutheni awenze ngesizini edlule ngendawo yonozinti. Yingakho nje kunokuthi asefuna ukuqinisa ngomunye unozinti onamava njengo-Akpeyi,” kusho omunye wemithombo.
“U-Akpeyi unenkontikela neMoroka Swallows kodwa-ke sengathi lokho akusiyo inkinga enkulu ngoba ikhona ingxoxo yokuthi aphambane noMobara (Abbubaker) kwazise vele yize engumdlali weqophelo kodwa abasamuzwa kuMaZulu.
“U-Akpeyi ngokwazi kwami, usanda kwelula ngamasizini amabili kwiSwallows. Yilo iqembu elisebenzise umbandela ebelinawo wokwelula kodwa sengathi ikhona nento yokungagculiseki ngenkece.
“Liyavela negama likaKing Ndlovu kanti okwakhe kulula ngoba akanalo iqembu futhi iminyaka isamvumela ukushubisa umbango kuVeli Mothwa.
“Omunye ovelayo nguMpontshane kodwa njengoba sazi ukuthi usenenkontileka nePirates, nokho uyavela ezinhlelweni.”
Kulabo nozinti nguNdlovu okungenza umqondo ukumsayinisa ngoba useneminyaka evumayo.
UMpontshane, yize kungaba lula ukumthola kwazise kwiPirates uzobanga ijezi nonozinti abasebencane futhi abayinkinga kuMelusi Buthelezi noSipho Chaine kodwa uneminyaka engu-37.
Kucishe kufane naku-Akpeyi ngoba uneminyaka engu-36 kanti futhi uzothatha uphawini wabadlali bokufika.
Bonke laba bantu bazobanga ijezi noVeli Mothwa, oneminyaka engu-32 nosendaweni yesibili kwiBafana Bafana emuva kukaRonwen Williams.
Kuyimanje uMothwa ubanga ijezi noJean-Noel Amonome waseGabon no-Olwethu Mzimela, osanda kushaya into ecokeme kwiCosafa Cup.
UMzimela uneminyaka engu-22 kanti umengameli weqembu, uSandile Zungu, usanda kubhoboka ezintathelini ngokuthi bazimisele ukuthembela kuye njengowekusasa.
U-Amonome uneminyaka engu-25 futhi uyisethenjwa eqenjini lesizwe laseGabon kodwa sebeke bakukhombisa ukungamuzwa bembolekisa kuThongathi FC ngoJanuwari nokwacaca ukuba yisinqumo esiphuphile.
Kumasizini amabili edlule AmaZulu ahlukane noNeal Boshoff, amkhulisile nowathathwa yiRichards Bay FC kodwa nakhona wangalitholi ijezi.
Likhulu ikusasa ebelikhonjiswa nguBoshoff. AmaZulu aseveze kaningi ukungakholelwa kubadlali abasezingeni asuke esebakhulisile.