Chippa United (0) 0
AmaZulu (0) 2
AMAZULU FC anqobe okokuqala emidlalweni eyisithupha yeDStv Premiership eguqisa iChippa United ngo 2-0 eNelson Mandela Bay Stadium ngeSonto ntambama.
Amagoli oSuthu avalelwe nguSede Junior Dion noMbongeni Gumede esiwombeni sesisibili.
Ngaphambi kwalo mdlalo, Usuthu belugcine ukucosha amaphuzu amathathu libhubhudla iKaizer Chiefs ngo 4-0 ngoJanuwari.
Kwemihlanu eyandulela oweChippa, Usuthu ludlale ngokulingana kwemine, lwadliwa yiTS Galaxy ngo 2-1.
IChilli Boys nayo ibibheke ukunqamula irekhodi elibi lokuhlulwa imidlalo emibili ilandelana kwiligi, iguqiswa yiStellenbosch FC neSwallows.
Umdlalo uqale ngendlela ethembisayo njengoba womabili amaqembu esheshile ukubuza emapalini.
Kwale kancane ukuthi u-Etiosa Ighodaro engeze emagolini ayisikhombisa asewahlohlile kwiligi kule sizini ngomzuzu wokuqala kodwa ishodi lakhe laceza epalini.
Ngomzuzu wesibili uGabadinho Mhango ulingqofele phezu kwepali ibhola abeligotshelwe nguGuily Manziba.
Nokho ngemuva kwalokho umdlalo uphinde wabanda womabili amaqembu esehluleka ukwakha amathuba acacile, okungenzeka ukuthi kudalwe wukuthi beliyidliva eGqeberha.
Kuze kwayiwa ekhefini kungenzekanga okunye okuthusayo ngaphandle kwamanye amashodi azanywe nguMhango, aphuma eceleni kwepali.
Igoli lokuqala lingene ngomzuzu ka-60 ngembumbulu edonswe nguDion yayonamathela enethini ngemuva kokuzishayisa esitobheni seChippa uRoscoe Pietersen.
Izinto ziphinde zalihambela kahle iqembu likaRomain Folz ngomzuzu ka-81 ngesikhathi uGumede elibeka phakathi ngekhanda kulandela ibhola ebeligotshwe nguGeorge Maluleka.
Usuthu lunwantele lwayohlala endaweni yesishiyagalombili ngamaphuzu angu-28 emidlalweni engu-22 kanti iChilli Boys isendaweni ka-13 ngamaphuzu angu-24 emidlalweni elinganayo.