UKUHAMBA kukaVusumuzi Vilakazi kuMaZulu FC sekuphonsele inselelo u-Arthur Zwane ekuqhubekeni nokuhola leli qembu elisembhidlwangweni wokuqeda isizini lisendaweni engcono kakhulu kwi-log yeBetway Premiership kunangesizini edlule.
Ukuqhubeka kukaZwane nokuqhuba inqoba yaMaZulu kuqinisekiswe ngumengameli waleli qembu, uSandile Zungu, ongathandabuzi ngokwethemba amava alo mqeqeshi.
Ukwesula isigubhukane kukaVilakazi kumenyezelwe ngoLwesibili, yileli qembu eliveze ukuthi wesule ngoba efuna ukuyoxazulula izinkinga zakhe ezimkhungethe nebeseziqala ukukupakela emsebenzini wakhe.
UVilakazi ushiya nje, bekubukeka isiqala ukuhlangana into abebeyakha noZwane, abaqale naye ukucija leli qembu ngo-Okthoba, bethatha izintambo ngemuva kokukhonjwa indlela kukaPablo Franco Martin.
“UPhakimpi (isiteketiso sikaZwane) eyakhe le mpi manje, ibhekene naye ngqo.
“Siyamethemba umfo kaMangethe ukuthi le midlalo engu-11 yeligi esisalele, ingangaye. Abadlali bazomeseka, nozakwabo ethimbeni labaqeqeshi, nathi singabaphathi sizomeseka.
“Asikhali ngalutho futhi engingakusho nje wukuthi umgqigqo weqembu usufuqwa nawukuthi imiphumela iyabonakala. Nendlela nje esidlala ngayo iyakhombisa ukuthi abadlali sebeyaqala ukuyibamba indlela abaqeqeshi abafuna kudlalwe ngayo.
“Ngakho angikholwa wukuthi ukuhamba kukaMpiyakhe (uVilakazi) kuzoba nomthelela ngaphakathi ekhempini (kubadlali),” kusho uZungu emsakazweni uKhozi FM.
Njengoba umphathi waleli qembu esekuqinisekisile ukuqhubeka kukaZwane nomsebenzi ngaphandle kokuyobheka omunye umqeqeshi, sekukhomba ukuthi uzosebenza noSiboniso “Nini” Vilakazi obevele ekhona ethimbeni labaqeqeshi nangesikhathi sikaFranco Martin. USiboniso ubesebenza nabo bobabili, uZwane noVilakazi.
USuthu olusendaweni yesithupha kwi-log yePremiership, lubhekene nenselelo yokuqhubeka nomgqigqo, lugweme okwenzeke ngesizini edlule lwehluleka ukungena kwiTop 8.
Ngemuva kokuguqiswa yiSekhukhune United ngo 4-2 ekuhambeni ngeledlule, Usuthu luvuke lwazithatha lwabuya namaphuzu amathathu ekhaya lubhaxabula iMagesi FC ngo 3-0 ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lubuyela ensimini ngomunye umdlalo wasekhaya neCape Town City eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeSonto ngo-3.30 ntambama.