USIHLALO weTS Galaxy, uTim Sukazi, ufongqa isigqoko kubantu baseThekwini naKwaZulu-Natal jikelele ukuthi baphume ngobuningi babo ngoMgqibelo uma ezakhe sezibhekene neStellenbosch kowamanqamu eCarling Black Label Knockout, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lo mdlalo wamanqamu uzoqala ngo-3 ntambama.
Kowandulela owamanqamu ama-Rockets awashise ijezi iqembu laseThekwini, AmaZulu FC, ewahlula ngo 2-1 enkundleni efanayo emasontweni amabili edlule.
IStellies nayo ihlule elinye iqembu laseKZN, iRichards Bay, ngo 3-0 ukuze ingene kowamanqamu.
IGalaxy, ecijwa uSead Ramovic, izoya kulo mdlalo iphuma endukwini ka-1-0 eyithole kwi-Orlando Pirates koweDStv Premiership ngempelasonto edlule.
Ngakolunye uhlangothi iStellenbosch esiqeqeshwa nguSteve Barker, izinto ziyihambela kahle. Inqobe iCape Town City ngo 1-0 maqede yanyukela endaweni yesithathu kwi-log yeDStv Premiership.
Ngo-2019 iGalaxy yaqopha umlando ngokuba yiqembu lokuqala ukunqoba inkomishi yeNedbank Cup idlala kwiNational First Division (Motsepe Foundation Championship).
Yashaya iChiefs ngo-1-0 ngephenathi eyavalelwa phakathi wuZakhele Lephasa owayebolekiswe yiPirates. Kwakudlalelwa khona eMabhida.
Ngokokuqhathwa kwamaqembu, umdlalo wangoMgqibelo kuzoba kungowasekhaya weStellenbosch.
USukazi uthe nayo iStellenbosch iyazi ukuthi iTheku liyikhaya lesibili kwiGalaxy. Uthe uthandazela ukuthi umlando uziphinde.
"ITheku lifana nekhaya lethu lesibili. Ngokwamarekhodi uma sidlalela khona senza kahle kakhulu. Emasontweni edlule sishayele AmaZulu ekhaya, eMoses Mabhida Stadium. Ngo-2019 umlando sawuqophela enkundleni efanayo.
“Ngithandazela ukuthi umlando uziphinde. Uma sidlalela eThekwini siba sikhulu isibalo sezibukeli ezithamela imidlalo yethu. Nakulokhu silindele okufanayo. Kulo lonke leli sonto sizohambela izindawo ezahlukene eThekwini, sinxenxa abantu ukuthi baphume ngobuningi babo ukuzoseseka. Ayikho indawo engingayazi KwaZulu-Natal. Lezi zinyawo zami ziphuma ngisho eShowe, KwaNongoma naseMtubatuba, zithungatha ithalente. Ngiyayidabukela iStellenbosch," kubeka Sukazi.
Lesi sikhulu siphinde sachomela labo ababethi uyalibulala iqembu lakhe ngesikhathi edayisa inqwaba yabadlali ekupheleni kwesizini edlule.
Phakathi kwabo kukhona uMelusi Buthelezi, Given Msimang, Bathusi Aubaas, Tshegofatso Nyama, Djakaridja Traore osayine kwi-Instanbulspor yaseTurkey, Aphelo Tote odlala kwiLivingston yaseScottland ukusho abambalwa.
"KwiGalaxy izinto sizenza ngokucophelela, sihlelekile. Besingeke sidayise laba badlali singenalo iqhinga. Iningi belithi ngibulala iqembu ngokudayisa laba badlali. Buka nje, ngalaba abakhona sesifinyelele kowamanqamu eCarling,“ kusho uSukazi.
Amathikithi omdlalo wamanqamu atholakala e-TicketsPro ngo-R40.