USIHLALO weMarumo Gallants, u-Abram Sello, uveza ukuthi kungadala ezinkulu izinkinga eqenjini lakhe uma engadedela izethenjwa zakhe, uCelimpilo Ngema noKatlego Otladisa, okuvela ukuthi kunamaqembu ePremier Soccer League (PSL) abafunayo.
Kusukela kuqale le sizini sekuphume kaningi emithonjeni yabezindaba ukuthi laba badlali bafunwa yiKaizer Chiefs.
Indaba yabo iqale ukuvela ngesikhathi kunemibiko yokuthi uNdabayithethwa Ndlondlo, obedlala kuyo iGallants, ufunwa yi-Orlando Pirates. Sekuwumlando ukuthi uNdlondlo ugcine ephelele kuzona eZimnyama. Kuke kwavela nokuthi uNgema ubuye afunwe yiyo iPirates.
USello, ekhuluma ngamafuphi naleli phephandaba, ulibeke ngembaba elokuthi laba badlali abayi ndawo. Ebuzwa kuthi ngabe iChiefs nePirates sebeke bamthinta yini, uthe: "Angifuni nokuwuphendula lowo mbuzo. Engikwaziyo ukuthi ngizokwenza isiqiniseko sokuthi uNgema no-Otladisa bayaqhubeka nokuhlala kwiMarumo. Bangabadlali bethu bezinga eliphezulu esithembele kubo. Ukuhamba kwabo kungavula esikhulu isikhala eqenjini. Nathi kukhona esifuna ukukuzuza siyiqembu. Ngeke kusisize ngalutho ukuhlala sinika amanye amaqembu abadlali bethu bese thina sisala sidonsa kanzima. Ukhumbule ukuthi sisanda kuhlukana noNdlondlo. Ukuhamba kwalaba badlali kungasibulala kakhulu.“
Nakuba lesi sikhulu sikhuluma kanjena kodwa kuvela ukuthi izinkontileka zikaNgema no-Otladisa ziyaphela ekusongweni kwesizini.
Lokhu kusho ukuthi njengoba ngoJanuwari kuzovulwa iwindi lokuhwebelana ngabadlali banalo ilungelo lokusayina kunoma yiliphi iqembu inkontileka yesikhashana.
Lokhu kungadala ukuthi uSello angatholi lutho ngabo.
U-Otladisa, oyibamba ohlangothini lwesokunxele, usedlale ewu-13 yeDStv Premiership nemine yeCaf Confederation Cup.
Ngakolunye uhlangothi, uNgema, obedlala kuThongathi kumasizini edlule, usegijime ewu-12 yeligi nemine yeConfederation.
IMarumo iye ekhefini leNdebe yoMhlaba ishaye iCape Town City ngo-2-1.
NgoDisemba 30 izobuyela enkundleni neSuperSport United eLucas Masterpiece Moripe Stadium. IGallants isendaweni yesi-11 ngamaphuzu awu-13, emidlalweni ewu-12. Leli qembu lisaqhubeka nohambo lwalo kwiCaf Confederation Cup njengoba lizodlala kweyamaqoqo. Izolo iqhathwe kuGroup A ne-USMA (Algeria), Al Akder (Libya) ne-St Eloi Lupopo (DR Congo).