USEPHUMILE ejele umdlali waseNingizimu Afrika, uThulani Cele, owaboshwa eyozama inhlanhla kwelinye lamaqembu aseGeorgia, nyakenye.
UCele (23) waseMlaza, owagqama eqenjini leNedbank Ke Yona ngo-2019, ngaphambi kokuyoziqeqesha naMaZulu, wakhalelwa ngamasonto kasiGonyela ngoJuni nyakenye, esikhumulweni sezindiza eGeorgia, esebuyela eMzansi kulandela ukungaphumeleli kohambo lwakhe lokuziqeqesha neGagra FC.
Wayesolwa ngokuthatha ngozwane umakhalekhukhwini, wagcina egwetshwe izinyanga ezingu-18 ebhadla ejele. Imizamo yokumkhipha ejele nokuthi umndeni wakhe uyombheka yagcina ingaphumelelanga kwaze kwaphela isigwebo sakhe. Ukhishwe ejele ngoLwesihlanu.
Ubabekazi kaCele, uNonhlanhla Shongwe, ukuqinisekisile ukuthi lo mdlali usededeliwe.
“Usephumile ejele, isigwebo sakhe usesiqedile. Siyajabula kakhulu siwumndeni ngalokhu. Yinto okunesikhathi siyilindele,” kusho uShongwe.
Ukuboshwa kukaCele kwathinta abantu abaningi eMzansi. Kwangenelela ngisho neminyango kahulumeni kodwa imizamo yokumkhipha ejele yagcina ingaphumelelanga.
UCele wafulathela eNingizimu Afrika ehanjiswa yimenenja yaseGauteng, uCollen Mashawa, ehlangene nenye imenenja ezinze eGeorgia. Kodwa ngokuhamba kwesikhathi, kwavela ukuthi imlaxazile eGeorgia wagcina esekweleta ihhotela ayelele kulona ngesikhathi elinde ukuyojima neGagra. Yilapho okwaqala khona ukungezwani phakathi kukaCele nomnikazi wehhotela nomunye umdlali ayekade ehamba naye. Lowo mdlali wagcina ebuyile eMzansi, washiya uCele eGeorgia. Ukuvela kwezindaba zokuboshwa kwakhe, zavela emuva kokuthi umndeni wakhe ukhale kwabezindaba ngokuduka kwakhe.
UShongwe uthe nakuba esekhululekile uCele kodwa akakabuyi ekhaya kwazise usabheke ukuthola iqembu njengoba kuzoqala isizini entsha eGeorgia ngoFebhuwari. Wathi usancikiswe ngomunye wabadlali baseMzansi abadlala khona kuliya lizwe.
“Usafuna ukuzama iqembu khona eGeorgia. Besifisa thina siwumndeni ukuthi abuye ekhaya sizombona, ageze njengoba ekade eboshiwe kodwa yena usafuna ukubheka ukuthi alikho yini iqembu elingamthatha ngoJanuwari. Ubona ukuthi kuzobanzima ukuthola imvume yokubuyela eGeorgia uma engase abuye eMzansi manje,” kusho uShongwe.
“Akukhona ukuthi akafuni ukubuya ekhaya kodwa akafuni ukubuya engayiphethe le nto ayiyela eGeorgia. Akaphathekile kahle emoyeni ngokuboshwa kwakhe kodwa uthando lwebhola luhamba phambili kuyena. Nalapho ahlezi khona asisihle isimo sakhona kodwa wukuthi uthanda ibhola.”
Kubadlali abaziwayo eMzansi abadlala eGeorgia kukhona uBantu Mzwakali wodumo kwi-Ajax Cape Town noJustin Shonga waseZambia odlale kwi-Orlando Pirates.