UHLOSE ukusebenzisa isikhathi sekhefu ukulungisa amaphutha enziwa yiqembu lakhe emuva naphambili umqeqeshi waMaZulu FC, uPablo Franco Martin.
Usuthu luphinde lwathola isibhaxu ngesikhathi lunqotshwa yiMarumo Gallants ngo 1-0, emdlalweni we-Betway Premiership obuseFree State Stadium, ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli kulo mdlalo livalelwe enethini nguDaniel Msendami ngomzuzu wesithathu esiwombeni sokuqala.
Lo mphumela uchaza ukuthi AmaZulu asethole induku emidlalweni yeligi emithathu ilandelana. Ayivula ngokushaywa yiPolokwane City ngo 2-1, aqunjwa phansi yiKaizer Chiefs ngo 3-1.
“Kumele siqhubeke. Sizoba nekhefu ukuze siphumule, sicabange, sisebenze kulezo zinto ezisilimaza kakhulu, njengamaphutha esiwenza emuva nokungabambisani uma simaka,” kusho uFranco Martin ethimbeni loSuthu labezindaba.
“Ngesizini edlule besingawadedeli kalula amagoli kodwa kule sizini siyalimala kabi. Phezu kwalokho, asikwazi ukunemba futhi sikhombisa ukungazethembi phambi kwamapali. Sesakhe inqwaba yamathuba amahle kule midlalo emithathu kodwa asikwazanga ukushaya amagoli amaningi.
“Kodwa yibhola leli, lokhu kuyingxenye yomdlalo. Lesi simo sikhomba ukuthi kufanele siqhubeke sisebenze kanzima. Lokhu akuphathelene nephutha elenziwa wumdlali oyedwa kodwa kuningi okumele sikulungise. Nathi njengabaqeqeshi kufanele sizibambe ziqine ngoba asiyitholi imiphumela. Ngisho noma ucabanga ukuthi kuningi okuhle kodwa uma imiphumela ikhomba okunye kusho ukuthi kufanele uzame okuthile okuhlukile.”
AmaZulu azobuyela enkundleni maphakathi nenyanga ezayo esezodlala kwiLast 16 yeCarling Black Label Knockout Cup. Iqembu azobhekana nalo azolazi uma amaqembu eseqhathwa ngo-Okthoba 8.