UKUTHATHA njengesibusiso eqenjini lakhe ukuba nomdlali onjengoPatrick “Tito” Maswanganyi, umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, osephumele obala ngokunika lo mdlali inkululeko yokushaya izitayela inqobo nje uma lokho kuzohlomulisa iqembu.
URiveiro usho kanjena nje, lo mdlali ongaconsi phansi kubalandeli bePirates ngendlela alikhulumisa ngayo ibhola uma eseshaya izitayela, uphinde wabajabulisa eshaya ingcwenga yephenathi edide unozinti weKaizer Chiefs, uBruce Bvuma, emdlalweni wabakhaya baseSoweto, ngoMgqibelo.
Ngesonto eledlule, uMaswanganyi ujabulise abalandeli beZimnyama eshaya izitayela emdlalweni weNedbank Cup Last 32 abahlule kuwona iRichards Bay eThekwini. Kulo mdlalo ushaye amagoli amabili, banqoba ngo 3-1.
“Kwesinye isikhathi wenza amaphutha ngenxa yokuba nesibindi kwakhe, engasabi ukuhamba phambili ekutakuleni iqembu ezimweni ezinzima, engasabi nokuthatha namaphenathi.
Kuyisibusiso ukuba nomdlali onjengaye, yize kwesinye isikhathi eyaye enze izinto ezingaqondakali ngebhola. Noma kunjalo ngiyamkhulula ekubeni nguyena, adlale ngendlela yakhe enkundleni ngoba leyo ngenye yezindlela akwazi ngazo ukwenza izinto ezenzeke lapho iqembu selibhekene nobunzima.
Ngakho kwesinye isikhathi eqenjini uyabadinga abadlali onjengoPatrick, abanendlela ethile yokwenza izinto,” kusho uRiveiro odabuka eSpain.
Empeleni ukushaya izitayela nokugenda ibhola kukaMaswanganyi kuke kwasusa izinkulumo kubalandeli bebhola abehlukene nasezinkundleni zokuxhumana. Lokhu kuze wafika lapho abanye bezama ukumqhathanisa nenkakha yeZimnyama, u-Ephraim “Jomo” Sono. Le ngwevu ikhuze umhlola ngalokhu, ikhala ngokuthi uMaswanganyi udansa phezu kwebhola kungenasidingo.
Nokho, muva nje uMaswanganyi kubukeka engagcini ngokuligibela kuphela njengoba eshaya namagoli amqoka kweZimnyama naseqenjini lesizwe iBafana Bafana. Ushaye amagoli amqoka ngesikhathi iBafana iguqisa i-Uganda ngo 2-0 neSouth Sudan ngo 3-0 emidlalweni yokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoNovemba.
Kanti useshaye amagoli amabili waba nesandla kwamanye kwiCaf Champions League kule sizini njengoba eZimnyama sezizibekisele indawo kuma-quarterfinal alo mqhudelwano wase-Afrika.