I-MOSES Mabhida Stadium iyohlale isenhliziyweni yomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, yize kuyikhaya laMaZulu FC abazobanga nawo ukungena kowandulela owamanqamu weNedbank Cup namuhla kulo deda ngendlale wenkundla yaseThekwini.
URiveiro obekhuluma esithangamini nabezindaba ngamalungiselelo omdlalo we-quarter final namuhla ngo-6 ntambama, uchaze ukudlalela eMoses Mabhida njengokuyisipesheli kuyena nabadlali bakhe.
Usuthu ngeke luyenzele kubelula iPirates kwazise lusenegqubu lokuphucwa iqatha leMTN 8 ngo-2022 kowamanqamu odlalelwe kule nkundla.
IPirates ifike eThekwini ihambela phezulu kwazise ingompetha kodwa umqeqeshi woSuthu uFranco Pablo Martin uyithembise umdlalo onzima.
Akakungabazi uRiveiro ukuthi ngeke kubelula ukunqoba kuMaZulu kodwa kumnika ithemba ukuthi lo mdlalo usenkundleni enomlando omuhle kuyena nabadlali bakhe.
“Ngaphandle kokuthi isakhiwo senkundla ngiyazifela ngaso kodwa iMoses Mabhida iyisipesheli kimina ngoba iyona mina nabadlali bami esiwinele kuyona isicoco sethu sokuqala ndawonye,” kusho uRiveiro.
“Ngiyakuqaphela ukuthi iPirates idlala kahle uma iseThekwini futhi nesibalo sabalandeli sihlale sigculisa.
“Nakulokhu ngiyabamema ukuba baphume ngobuningi babo ukuyoseseka ngomsindo njengoba behlale benza. Sinethuba lokuqopha umlando omusha ngokunqobela kuyona le nkundla endleleni yethu ebheke ekuvikeleni isicoco.
“Kuhlale kuyinjabulo ukuba seThekwini ngenxa yezizathu eziningi. Kuhle konke kumnandi ngokuya kodwa ngeke kusho lutho uma sizobuya nomphumela ongagculisi.
“Kungakuhle ukuthi umlando wethu omuhle ukuqhubeke eThekwini kodwa siyazi ukuthi ukhiye ulele ekutheni thina siqhubeke nomgqigqo omuhle esihamba ngawo,” kuqhuba yena.
Ngomdlalo uthe ufisa badlale ngendlela abadlale ngayo becazelana ngamaphuzu neMoroka Swallows kodwa phambi kwamapali ufuna babe bukhali ngendlela abebeyiyona bebhudluza iLamontville Golden Arrows ngo 7-1.
“Sinenkinga yokudlala kahle kodwa singabi bukhali ngendlela efanele phambi kwamapali okugcina kusifaka ezinkingeni ezingenasidingo.
“Uma singadlala ngendlela esidlale ngayo sibhekene neSwallows bese siba bukhali ngebesiyiyona kwi-Arrows singadlulela esigabeni esilandelayo seNedbank,” kuphetha uRiveiro.
Umdlali wasesiswini woSuthu, uHendrick Ekstein, uphendule inkulumo kaRiveiro yokufuna ukukhonya eThekwini, wathi: "Kuhle kakhulu ukuthi iPirates iyona ejabule ngokweqile ekubeni isekuhambeni kodwa engingayithembisa khona ukuthi nathi siwulindele futhi siwulungele njengayo umdlalo.
"Kuzoba umdlalo omuhle ngoba womabili amaqembu akhombisa izimpawu zokuwulungela ngakho-ke engibajabulela kakhulu abalandeli ngoba bazobona ibhola eliseqophelweni eliphezulu.“
Imidlalo yama-quarterfinal eNedbank Cup:
Namuhla - Ngo-3pm: Stellenbosch v SuperSport United (Danie Craven).
Ngo-6pm: AmaZulu v Orlando Pirates (Moses Mabhida Stadium).
Kusasa - Ngo-3pm: TS Galaxy v Chippa United (Mbombela Stadium).