URHULANI Mokwena weMamelodi Sundowns ukhumbuze abadlali bakhe ukuthi akulona igunya labo ukuyinqoba yonke imidlalo kodwa futhi ulaka lokushweba irekhodi obekuzothatha iminyaka ukuliphula, ikhona okufanele bakusebenzise njengesikhuthazi ukuze bezobuya ngomfutho ngesizini ezayo.
ISundowns ebisinamasonto iqedile ngokuvikela isicoco seDStv Premiership okwehlandla lesikhombisa kulandelana, iphazanyiswe yiCape Town City eyiqumbe phansi ngo 1-0 ngoMgqibelo, eLoftus Versveld.
Lo mphumela uzinyomfe waziqeda izihlelo zeSundowns ebizama ukuba iqembu lokuqala ukudlala isizini yonke lingakaze lehlulwe kusukela kwasungulwa i-Premier Soccer League (PSL).
Ngesikhathi ekhuluma esithangamini nabezindaba emuva komdlalo weCity, uMokwena akazange akufihle ukuphoxeka kwakhe ngokuphunyukwa ileli rekhodi ngomdlalo wokugcina kodwa wakhuluma sakuthumela umyalezo kubadlali bakhe.
Nakuba iSundowns igcine isiqukulile isicoco sayo kodwa bekungafihleki ukuthi kunebohlololo ikakhulukazi kubadlali ngenxa yokuphunyukwa ithuba lokuqopha lo mlando wokungashayeki isizini yonke.
“Engingeke ngikwamukele ukuboba abadlali bami befake amakhanda phansi ngenxa yokushwetshwa irekhodi ekubeni siqeda ukuzifaka emlandweni weSundowns,” kusho uMokwena.
“Isicoco sesikhombisa kulandelana sizoba igugu eqenjini kusukela manje ngoba njalo uma simisa uphawu lweSundowns (iminwe ekhombisa unombolo-7), sekuzoqondana kamnandi. Lokhu kufanele kubenze baziqhenye ngegalelo labo abadlali abebeyingxenye yeSundowns ngesikhathi yenza lokhu.
“Okusemqoka ukuqonda ukuthi unobhutshuzwayo unemiphumela emithathu nokuthi akulona igunya leSundowns ukuyinqoba yonke imidlalo.
“Iqembu elinegunya lokunqoba ilelo elisuke lingcono osukwini ngakho-ke angizimisele ngokubona abadlali begebise amakhanda ngoba esikwenzile kuyababazeka,” kuqhuba uMokwena.
Lo mqeqeshi obeshaywa okokuqala koweligi kusukela ethathe lo msebenzi ngokugcwele ngasekupheleni kuka-2022, ufuna abadlali bakhe basebenzise ulaka lokushwetshwa ileli rekhodi ngesizini ezayo.
“Unobhutshuzwayo uyahluka ngamasizini kodwa uma singenza kangcono kunalokhu esenze ngakhona kule sizini ngicabanga ukuthi sinawo amathuba okuqopha amanye amarekhodi,” kuphetha uMokwena.
Kule sizini iSundowns iphule irekhodi layo lamaphuzu obekuyiwona abemaningi kunawo wonke (71) ngesizini eyodwa ebilibeke ngo-2015/2016, isaqeqeshwa uPitso Mosimane. Kulokhu idle isicoco ngokuqoqa amaphuzu awu-73.