USEBHEKE umdlalo olandelayo weDStv Premiership naMaZulu FC umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, njengoba ezakhe ziqinisekisile ukuthi zizodlala kuma-quarter-final kwiCaf Champions.
AmaSandawana aguqise iqembu laseMauritania, iFC Nouadhibou ngo 2-0 kowamaqoqo eChampions League obuseStade de la Capitale, eNouakchott ngempelasonto.
Igoli lokuqala lishaywe nguGrant Kekana esiwombeni sokuqala, elesibili lavalelwa nguThembinkosi Lorch usuyophela umdlalo.
EzikaMokwena ziqhwakele ngamaphuzu angu-10 emidlalweni emihlanu eqoqweni. Zilandelwa yiTP Mazembe, nayo enamaphuzu angu-10, kanti sekuphelile ngeNouadhibou nePyramids, abanamaphuzu amane ngamunye.
“Sinqobe kahle sibhekene neqembu eliyingozi le-Nouadhibou, eliqeqeshwa kahle futhi elinabadlali abahle kakhulu. Basebenzile abadlali bethu bebhekene neqembu okungelula ukudlala nalo," kusho uMokwena.
"Bengishilo nangaphambilini ukuthi iNouadhibou ibingakahlulwa ekhaya esigabeni samaqoqo eChampions League futhi ibisidlale imidlalo engu-12 ingahlulwa ekhaya kwiligi yasekhaya. Ngakho-ke akulula ukuza lapha futhi uthole lo mphumela."
ISundowns isaqhwakele kwiDStv Premiership ngamaphuzu angu-39 emidlalweni engu-15. Ilandelwa yiCape Town City neSuperSport United, abanamaphuzu angu-30 ngamunye emidlalweni engu-17.
Yize amaBrazilian ethole amaphuzu agcwele kulandela ukubhuntsha komdlalo okwakufanele awudlale neMoroka Swallows ngoDisemba, asehlulekile ukubuya nawo ephelele emidlalweni emithathu yakamuva yeligi ayingenele enkundleni.
Abanjwe yiCape Town City nePolokwane City ngo 0-0, adlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates.
Asezotholana phezulu noSuthu eLoftus Versfeld kusasa ngo-7.30 ebusuku.
"Kufanele sibuyele ekhaya ukuze abadlali belulame. Indiza esuka eMauritania ibheke ekhaya ithatha okungenani amahora angu-11. Kufanele sihlaziye lo mdlalo bese sibheka umdlalo olandelayo naMaZulu," usho kanje ngoMgqibelo ngemuva komdlalo weChampions League.
"Sigxila emdlalweni owodwa ngesikhathi. Sizobhekana nolandelayo bese siyabona ukuthi yikuphi okufanele sikwenze kowokugcina wamaqoqo eChampions League neTP Mazembe."
Ngesikhathi iSundowns ibhekene naMaZulu eThekwini ngasekuqaleni kukaDisemba, yanqoba ngo 1-0 ngephenathi eyashaywa nguLucas Ribeiro.