UKHALE ngokuthi iqembu lakhe alihlonishwa ngendlela efanele ngemiphumela eliyitholayo nebhola elilidlalayo umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic.
Lo mqeqeshi ubekhuluma kulandela ukunqoba kwabo iLamontville Golden Arrows ngo 2-1 emdlalweni weLast 32 yeNedbank Cup obuseMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngempelasonto edlule.
Bekungokwesine kulandelana iRockets inqoba umdlalo uma kuhlanganiswa noweDStv Premiership lapho iguqise khona Abafana Bes’thende ngo 3-1 kowandulele oweNedbank Cup.
U-2023 iwusonge ngokunqoba imidlalo emibili yeligi, idla i-Arrows ngo 2-0 neChippa United ngendlela efanayo.
Yagcina ukuhlulwa kowamanqamu eCarling Black Label Cup lapho yanqotshwa khona yiStellenbosch FC sekukhahlelwa amaphenathi.
“Kufanele ngituse abadlali bami. Ngiyabona ukuthi baziqeqesha kanjani nsuku zonke. Ngicabanga ukuthi bafanelwe ukunakwa futhi kukhulunywe ngabo. Angazi noma sinabo yini abahlaziyi nongoti uma behluleka ukubona lezi zinto. Akulula kule ligi ukunqoba imidlalo emihlanu ilandelana. Uma abadlali bami benganconywa manje angazi ukuthi kuzokwenzeka nini lokho,” kusho uRamovic.
“Uma amanye amaqembu enganqoba imidlalo emihlanu ilandelana kungakhulunywa ngawo yonke indawo, yingakho ngicabanga ukuthi nabadlali bami nabo kubafanele. Ngikhulumela bona, hhayi mina, angifuni ukunconywa. Ngincoma ithimba lami labaqeqeshi, iqembu lonke kanye nabadlali, okuyibona abenza umsebenzi enkundleni.
“Sidlale kowamanqamu (Carling) ngeshwa sahlulwa. Ongoti abaningi bebecabanga ukuthi sizokwehla ngemuva kokuphoxeka kodwa iqembu labuya ngamandla.
“USolomon (Letsoenyo) odlala emuva kwesokunxele usekhande amagoli ayisithupha. Ngubani omunye odlala kuleyo ndawo osenze into efanayo? Abadlali bethu basemuva bavala kahle, asingenelwa amagoli amaningi. Abasesiswini baliphasa kahle ibhola kanti naphambili sinabagadli abayingozi. Kungani benganconywa? Sizoqhubeka nokuthuthuka. Sizobaphoqa ukuthi bakhulume ngabadlali bami.”
IGalaxy isendaweni yesikhombisa kwi-log ngamaphuzu angu-24 emidlalweni engu-16. Umdlalo wayo olandelayo kuzoba oweligi lapho izodudulana khona neCape Town Spurs ngeSonto ntambama.