IZOWUDLELA esibhedlela uKhisimusi inkakha kanobhutshuzwayo yaseBrazil, uPele, ohlushwa yisifo somdlavuza.
Eqinisweni kwaNdebe yoMhlaba esongwe ngeSonto eLusail, eQatar, le ngqwele enezicoco ezintathu zalo mqhudelwano, iyibuke khona esibhedlela i-Albert Einstein Hospital, eSao Paulo, eBrazil.
Odabeni olushicilelwe yi-iol.co.za, kucashunwe indodakazi yayo le nsephe, uKely Nascimento okuthiwa ibhale kwi-Instagram yathi: “UKhisimusi ekhaya usuhoxisiwe. Sinqume nodokotela ukuthi, ngenxa yezizathu ezahlukene, kungabangcono sihlale la sithole konke ukunakekelwa esingakuthola kulo mndeni omusha esiwuthole e-Einstein.”
UPele (82) usemabhukwini abaningi njengomdlali ohamba phambili emlandweni kanobhutshuzwayo, ulokhu engene ngoNovemba, esibhedlela kuyobuyekezwa ukwelashwa kwakhe ngenxa yezinkinga zokuphefumula.
Le nsephe iphila ngokwelashwa njalo kusuka ngoSepthemba, nyakenye, emuva kokuhlinzwa isimila emathunjini.
Bedlulela kuma-quarterfinal, eQatar, abadlali beqembu lesizwe laseBrazil, baqoqane bonke baphephezelisa ibhayi elikhulu elenesithombe sikaPele esathathwa edlalela iSelecao kwi-1970 Fifa World Cup.
Leli bhayi lalibhalwe ukuthi “Pele” nokuyindlela yokukhumbula le nsephe.
Imbangi kaPele, uDiego Maradona, idlule emhlabeni ineminyaka engu-60 nyakenye.
UPele noMaradona bahlale behlukanisa umhlaba phakathi ngenkulumpikiswano yomdlali ovelele ukubedlula bonke emhlabeni emlandweni webhola.
Lowo mbango uqale phansi sekubanga umkhaya kaMaradona wase-Argentina, uLionel Messi noCristiano Ronaldo wasePortugal.
URonaldo uphume kuma-quarterfinal eQatar, kwathi uMessi wahamba waze wayoyiqukula iNdebe yoMhlaba, emuva kokuhola i-Argentina yehlula abebengompetha, iFrance.
Emuva kwalo mdlalo wamanqamu, uPele umbongele uMessi, wancoma nesibabuli saseFrance neMorocco ngokushaya into ecokeme kulo mqhudelwano.