UMQEQESHI onebhadi lokujikijelwa abalandeli ngezigubhu uma ephikwe imiphumela emidlalweni kusukela kuqale isizini, uMolefi Ntseki weKaizer Chiefs, uvule isifuba ngekhona lakhe abalekela kulona uma sezimnetha.
Kusukela uNtseki ethathe lo msebenzi ku-Arthur Zwane, ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2023/2024, iqeqeba elithile labalandeli beChiefs alikaze likhombise ukumamukela.
UNtseki utshele abezindaba ukuthi kunesigungu esibunjwe ngabantu abasondelene naye esimqoka kuyena ngoba uma sezimnetha, ubalekela kusona.
“Ngizibala kubantu abanenhlanhla ngenxa yokwesekwa engikuthola eqenjini kusukela kusihlalo, amadodakazi akhe kanjalo nemenja yami ehlale njalo inami,” kusho uNtseki esithangamini nabezindaba.
“Indlela abangingunga ngayo ngezikhathi ezinzima bangikhuthaze baphinde bangithembise ukuthi izinto zizojika, iyona engipha amandla okuqhubeka.
“Kuthiwa uma uwina imidlalo uba isithandwa kodwa uma ungawini uba yintandane. Angikaze ngizizwe ngiyintandane ngoba ezikhathini ezinzima ngizisondeza nalesi sigungu esingazihluphi ngokugxila ezintweni ezimbi.
“Bonke laba bantu bamqoka kimina. Ngeke ngiyishiye ngaphandle imenenja yami (uThato Matuka), ngoba nayo ingumuntu ongazwani nezinto ezingiphula umoya,” kuphetha lo mqeqeshi.
Ngenxa yolaka lwabalandeli olubhekiswa kuNtseki uma iChiefs iphikwe imiphumela, i-Premier Soccer League (PSL) ishaye leli qembu ephaketheni ngezigameko ezimbili zakamuva ezenzeke ngoSepthemba koweligi noweMTN8.
Lokhu kuqinisekiswe uZola Majavu, ongumshushisi wePSL othe leli qembu seliwavumile womabili amacala okujikijela izigubhu ezinkundleni ebelisolwa ngawo.
IChiefs iqondiswa ubugwegwe muva nje, bese kungokwesibili ibizelwa icala elifanayo lapho nasezinyangeni ezedlule abalandeli bayo benze okufanayo kuNtseki.
Ngecala lokuqala iChiefs ihlawuliswe uR100 000 kodwa yakhokhiswa uR70 000 ngesivumelwano sokuthi ngeke itholakale isecaleni elifanayo kuze kuphele iminyaka emibili.
Njengoba ingxenye ethile yabalandeli bayo beqhubeka nokuziphathisa okweziwengu, uMajavu uthe kumele iwukhokhe ngokushesha uR30 000. Emacaleni akamuva, ikhokhiswe uR150 000 kwalengiswa uR50 000.
Ibe isithola isexwayiso sokuthi uma abalandeli bayo bephinda isenzo esifanayo ezinyangeni eziyisithupha, izobe isibukwa yizihlalo njengoba bezovalwa enkundleni umdlalo owodwa obulengisiwe.