UKUTHATHE njengesibusiso uMolefi Nseki ongumqeqeshi weKaizer Chiefs, ukungadlaliswa kuka-Edson Castillo waseVenezuela emidlalweni emibili yezwe lakhe yokuhlungela iNdebe yoMhlaba yango-2026.
Lo mdlali oyibamba esisiswini, ungomunye waMakhosi abahlanu abebebizelwe emaqenjini esizwe.
Ngemuva kwamasizini amabili ezitshiwe, uFernando Batista ocija iVenezuela, uqome ukumbiza emidlalweni emibili yokuhlunga okungoweBrazil noweChile. Kuyo yomibili akazange amdlalise.
KoweBrazil kube u 1-1, koweChile iVenezuela yanqoba ngo 3-1.
Kwisithangami sabezindaba seCarling Black Label Knockout izolo, ebesiseGoli, uNtseki uthe lo mdlali kumele angakunaki ukuthi akaboshelwanga kule midlalo, okukhulu kunakho konke ukuthi ubebiziwe eqenjini lesizwe.
"Yinto enkulu ukuthi uCastillo ubuyiselwe eqenjini lesizwe esedlala kwiKaizer Chiefs noma eNingizimu Afrika. Nakuba engadlalanga kodwa okusalayo ubeyingxenye yekhempu yeVenezuela, ubuye wathola nethuba lokuziqeqesha nomkhaya bakhe. Ngiyamazi uwulolu hlobo lo mdlali obefuna ukudlala. Akajabulele ukuthi usebuyisiwe eqenjini le sizwe," kuphawula uNtseki ngalo mdlalo ofike kwiChiefs ekuqaleni kwale sizini.
NgoMgqibelo, ngo-6 ntambama, eFNB Stadium, abafana baseNaturena bazoqala omunye umkhankaso wokuqeda isomiso sezinkomishi njengoba bezobhekana naMaZulu FC kwi-Last 16 yeKnockout.
Sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye bagcina ukuphakamisa inkomishi.
UNtseki uthe nakuba bebefisa adlaliswe uCastillo koweBrazil nakoweChile kodwa ngakolunye uhlangothi lesi simo senze aba maningi amathuba okuthi ambophele emdlalweni woSuthu.
"Silindele ukuthi atheleke kuleli ngoLwesine ebusuku. Sithemba ukuthi uzobe enathi emhlanganweni wangoLwesihlanu. Sizozwa ngodokotela beqembu ukuthi kuzomele ngoMgqibelo simdlalise imizuzu emingaki nokuthi simqalise noma cha umdlalo. Uwumdlali okubalulekile ukuba naye eqenjini," kuqhuba uNtseki. Uthe kube yinselelo kuye ukubizelwa kwabadlali bakhe abahlanu emaqenjini esizwe.
"Sengithandazela ukuthi babuye bengalimele futhi bengakhathele. Okuhle ukuthi sibe nesikhathi esihle sokulungiselela umdlalo woSuthu nabadlali ebengiseli nabo.“
Abanye abadlali abebesemakhempini amaqembu amazwe, uSibongiseni Mthethwa, Mduduzi Mdantsane, Edmilson Dove noThatayaone Ditlhokwe.
Umdlalo wangoMgqibelo uzofana nowamagqubu. USuthu luzobe lufuna ukuziphindisela njengoba koweligi luthole isibhaxu sika 3-0 kwiChiefs.
UNtseki uthe kuzoba umdlalo onzima.
"Ngiyazihlonipha izitha zethu. Esikuqaphelile kula masonto adlule ukuthi AmaZulu adlala ibhola elihle kakhulu. Ngesikhathi siwashaya ngo 3-0 kwaba nzima kakhulu. Abhukulile. Sasizwa ukuthi kwahamba ngendlela esasihlele ngayo. NangoMgqibelo silindele umdlalo onzima. Sizobe sidlalela ekhaya, kumele sinqobe," kubeka uNtseki.