SITHEMBISO MKHIZE
UNGENA ezintangeni ngesicoco seKZN ABC Motsepe League, uDominic Isaacs ongumqeqeshi woMkhumbane Classic, phezu kokuba kubukeka benethuba lokudla umhlanganiso.
Leli qembu likaSithembiso " Mashalofu" Mabaso, lishaya kwasani oluphambi kwalo kulezi zinsuku.
Ebuzwa u-Isaacs ukuthi ubona engakanani amathuba ukuthi banqobe isicoco seligi, ungene ezintangeni wathi:"Asikho esicongweni, nathi sisemhlambini olangazelele isicoco seligi. Asiyifuni ingcindezi engenasidingo. Sithatha umdlalo ngamunye".
Iqembu lakhe lizobhekana noMtuba All Stars, ngeSonto ngo-3 ntambama esikoleni iKwaMbonambi Primary. UMtuba usendaweni yesikhombisa ngamaphuzu ayishumi. Usanqobe imidlalo emithathu kwewu-13, wehlulwa kweyisishiyagalolunye.
Mayelana nomdlalo u-Isaacs uthe kuzomele bawunqobe kumnyama kubomvu.
"Okungijabulisayo ukuthi selokhu ngifikile abafana bami basibamba nsuku zonke isitayela engifuna badlale ngaso. NakowoMtuba ngifuna ukubona izimpawu zokuthuthuka kwebhola esilidlalayo. Kule ligi esidlala kuyo izinto ziyenzeka, uyazisola uma kuzoba namaqembu oweyayo. Nakuba sinqobile kwiMilford ngempelasonto edlule kodwa kangineme ngendlela esiyeke ngawo amathuba.
“Bekemele siye ekhefini okungenani sishaye noma amagoli amathathu. Kule midlalo esele kuzomele singalenzi leli phutha," kuqhuba u-Isaacs.
Ngesonto eledlule lithumele umyalezo oshubile ngesicoco seligi ngesikhathi libhaxabula ngo-2-0 iMilford, eSJ Smith Stadium, eWema.
IMilford kaDkt Xhanti Pupuma, ingelinye lamaqembu asembangweni wesicoco seligi, kanti ike yahlala esicongweni isikhathi eside kwi-Stream A.
Kuminyene utshumo njengoba kuqhwakele iSummerfield Dynamos ebambene ngamaphuzu awu-27 neMilford noMkhumbane, endaweni yesine kuneStone Breakers ngawu-26.
Emidlalweni ewu-13, ezika-Isaacs osizana noSithembiso Ngcobo abadlale naye kwiKaizer Chiefs, sezinqobe imidlalo eyisishiyagalombili, zadlala ngokulingana kwemithathu zashaywa kwemibili kuphela. Sezivalele phakathi amagoli awu-21.
I-Breakers izihola phambili njengoba seyinamathisele enethini awu-23. ISummerfield isishaye awu-20.
Ihlelwe kanje imidlalo yeKZN ABC Motsepe League:
Kwi-Stream A.
NgoMgqibelo-Ngo-3 pm: Asande v Njampela (Prince Mangosuthu Stadium); Muzi v Summerfield (Ngcedomhlophe); Wanderers v Breakers (Jabavu).
NgeSonto-Ngo-3 pm: Mtuba v Mkhumbane (Mbonambi).
Kwi-Stream B:
NgoMgqibelo-Ngo-3 pm: Newcastle v Friends (Arbor Park); Umvoti v Midlands (King Edward Park); Umsinga v Mkhambathi (Umzisho); Drakensberg v Pioneers (Kandahari); Experience v Coastal ( Umkomaas Bisset).