UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ubekele abalandeli baleli qembu izizathu eziphoqa ukuthi bakulindele ukungahambi kwezinto ngendlela abafisa ngayo emdlalweni we-quarter-final yeCarling Knockout neMamelodi Sundowns ngoMgqibelo ngo-6 ntambama, e-FNB Stadium, eSoweto.
UNabi owalandelwa ukuzoqeda indlala yezinkomishi kwiChiefs, ubekhuluma nabezindaba izolo, ngaphambi kwalo mdlalo obhekwe ngabomvu ngokwahlukana kwabalandela unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika.
IChiefs izobhekana neSundowns izikhotha amanxeba kulandela ukuthuswa kwayo iMagesi FC egcine ibambana nayo ngo 2-2 ngoLwesithathu kwiBetway Premiership.
Kwenzeka konke lokho nje, iSundowns ibhubhudla iCape Town City ngo 3-0 ngosuku olufanayo komunye weligi.
Inkulumo kaNabi izwakale sengathi iqondiswe kubalandeli athe balalela kakhulu abezindaba abafunza ulwazi olungekho ngamathuba eChiefs kule sizini.
“Kumanje kunabezindaba ababala iChiefs emaqenjini angase abange isicoco seligi kule sizini nezinye izicoco okungelona iqiniso,” kusho uNabi.
“Ngiyaqonda ukuthi kwiChiefs ngalandelwa ukuzokwenza umsebenzi oyisipesheli kodwa futhi ngiyazi ukuthi kunamagxathu okuqalwa kuwona ukuze konke kube impumelelo kulowo msebenzi.
“Ngineme ngendlela izinto ezihamba ngayo kusukela siqalile ukusebenza nabadlali kodwa ngabe ngisenga ezimithiyo uma ngithi iChiefs isikulungele ukudla izicoco.
“Angicashi ngalokhu kepha ngilikhuluma linjengoba linjalo iqiniso. Kusenamagxathu amaningi okusafanele siweqe ngaphambi kokuthi abalandeli bethu bakholwe le mbudane yabezindaba yokuthi sisethubeni kule sizini.
“Nakuba siqonda ukuthi yini esimele kepha ngeke siyiyele ngobuso iSundowns engelinye lamaqembu angcono e-Afrika.
“Siya emdlalweni ngokuzethemba ukuthi sinawo amava okudlulela kowandulela owamanqamu weCarling.
“Umdlalo wethu neSundowns wakamuva ukukhombisile lokho ngakho-ke angisiboni isidingo sokuzithambisa.
“Okusemqoka okufanele kukhunjulwe abalandeli bethu ukuthi yini esiyifisayo kodwa futhi baqonde ukuthi kusengathatha isikhathi ukuthi sifinyelele kukhona,” kusho uNabi.