AKUSEKUDE ukuthi luhlangane ulozolo lwesitshulu oludidiyelwa uNasreddine Nabi kwiKaizer Chiefs.
Lesi yisethembiso esenziwe nguyena lo mqeqeshi ngemuva kokunqoba ngo 3-0 kwiChippa United emdlalweni we-Last 16 yeNedbank Cup ngoMgqibelo, e-FNB Stadium, eSoweto.
Amakhosi, asonyakeni weshumi agcina ukufaka inkomishi ekhabetheni, angene egijima kwi-quarterfinal yalo mqhudelwano onentshontsho lika-R7 million ngamagoli kaGaston Sirino, Inacio Miguel noPule Mmodi.
Ngesikhathi lo mqeqeshi waseTunisia eqashwa ngaphambi kokuqala kwale sizini, akuzange kufihlwe ukuthi ulandwe ngenxa yamava okudla izinkomishi kulandela ukuzakhela kwakhe ugazi ngokwenza lokhu ngesikhathi esaqeqesha eTanzania naseMorocco.
Bekusobala esithangamnini nabezindaba ukuthi uNabi uswele amaphiko ngenxa yenjabulo. Uthinte izinto eziningi ngesikhathi ekhuluma nabezindaba kusuka ebudlelwaneni bakhe nabalandeli abathembise lukhulu waze wafika nakubadlali ngabodwana.
“Ngijabulela kakhulu abalandeli beChiefs okuthi noma izinto zisiphika kodwa bame nathi. Sisebenza ngokuzikhandla ukubajabulisa. Ngiyazifela ngabalandeli beChiefs. Kusenhliziyweni yami lokhu futhi ngizimisele ukubasebenzela ngawo wonke amandla enginawo. Kwesinye isikhathi izinto azihambi kahle, basigxeke kodwa lokhu akulwehlisi uthando enginalo ngabo yingakho sizimisele ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano,” kusho uNabi.
“Empeleni kuyangikhuthaza ukugxekwa ngabalandeli beChiefs ngoba kungikhumbuza engakuzela eNingizimu Afrika. Engikuthembisayo wukuthi laba balandeli abawa bevuka nathi njengoba sisaphemba, akusekude ukuthi zihlangane izinongo esizididiyela kulesi sitshulu esiyiChiefs,” kuqhuba yena.
UNabi uphume iqhubu noMmodi amchaze njengomunye wabadlali abamqoka kwiChiefs. Lo mdlali owayedlalela iLamontville Golden Arrows, ushaye igoli eliqede amathemba eChippa ngoMgqibelo.
“Kuningi okungagqanyiswa ngoMmodi akwenzela iqembu. Okuhle ngaye wukuthi izinga lakhe alehli. Uyinkinga ezitheni kanti uma sekumakwa ungomunye futhi ohlale ekhona. Indima yakhe inkulu kwiChiefs yingakho ngimncoma yedwa kodwa iqiniso ukuthi bonke abafana bayazama. Ngiyazi kukhona abazonaka amathuba awayekayo uMmodi kodwa bakhohlwe ukuthi mangaki awakhela ozakwabo. Ngihlabeke umxhwele nangendlela uHappy (Mashiane) adlale ngayo. Njengabo bonke naye uzolithola ithuba lokuziveza njengoba enzile koweChippa,” kusho uNabi.
IChiefs izobuyela enkundleni kusasa isiyobhekana neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership eFNB Stadium, eNasrec, ngo-7.30 ebusuku.