INGCINDEZI yokujabulisa izigidi zabalandeli beKaizer Chiefs idinga abantu abavuthiwe ngokomqondo, ngokusho komqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi.
Lo mqeqeshi, othathe izintambo kuleli qembu lasePhefeni, ekuqaleni kwesizini, unenselelo yokwenza osekuhlule inqwaba yabaqeqeshi bangaphandle nabakuleli eminyakeni engu-10 edlule, ukunqoba isicoco.
Selokhu iChiefs yasungulwa ngo-1970, akukaze kudlule iminyaka eminingi ingayiqukuli indebe. UNabi ufike kuleli qembu washeshe wacacisa ukuthi abalandeli abangalindeli imilingo kule sizini ngoba kusafanele alakhe. Awukabonakali kangako umehluko kwiligi ngoba Amakhosi asesimweni esifana ncamashi nalesi abekusona ngemuva kwemidlalo engu-17 kwiligi ngesizini edlule. Asendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-25.
Nangesizini edlule abesenqobe imidlalo eyisikhombisa, ahlulwa kweyisithupha, adlala ngokulingana kwemine.
Umehlukwana wukuthi ngedlule ayeshaye amagoli angu-18, angenelwa angu-14. Kulokhu asebhakuzise inethi amahlandla angu-20, angenelwa amagoli angu-19.
Ngesizini edlule akhishwe AmaZulu kwi-Last 16 yeCarling Knockout Cup, kule sizini awashiswe ijezi yiMamelodi Sundowns kuma-quarterfinal kulo mqhudelwano.
Awalihambanga ibanga elide nakwiNedbank Cup ngesizini edlule ngoba akhishwe yiMilford FC kwi-Last 32.
UNabi angaphinde alibeke endaweni engcono leli qembu uma lingadlula kwiChippa United emdlaweni we-Last 16 yeNedbank Cup, ozoba namuhla ngo-6 ntambama, eFNB Stadium.
“Siyakuqonda ukuthi abalandeli balindele lukhulu, yinto ebesivele siyazi ngaphambi kokuthi sifike lapha. Leli yiqembu elikhulu kakhulu, bonke abantu bafuna ukulibona linqoba. Abalandeli abafuni ukuzwa imidanti ngezinhlelo zokwakha, bafuna ukubona imiphumela kuphela,” kusho uNabi.
“Okusemqoka wukuthi mina nebhodi singaphenduli ngemizwa. Siyakwazi okudingekayo ukuze iqembu lakhiwe kabusha. Mancane amathuba okuthi siphumelele uma singalandeli lezi zinhlelo. Kodwa-ke, lokho akusho ukuthi ngeke silwe. Sizama nsuku zonke ukuthola imiphumela sibe sisaqhubeka nokwakha.
“Ngicabanga ukuthi abadlali sebeyaqala ukuzethemba bona kanye nabaqeqeshi. Sebeyakholelwa ekutheni bangahlula noma yiliphi iqembu ababhekene nalo.”
Yize abalandeli beChiefs sebeke baliqhatha iqembu nekomiti eliqondisa izigwegwe lePremier Soccer League eminyakeni edlule kodwa basaqhubeka nokuleseka.
UNabi uzibonele ngokwakhe ukuthi leli qembu lisathandwa kangakanani ngesikhathi linqoba iStellenbosch FC ngo 1-0 kowakamuva weligi, obuse-Athlone Stadium, eKapa.
“Ngiyibonile yonke leyo njabulo. Yingakho bungehli kahle ubuthongo uma singayitholi imiphumela emihle. Sibona injabulo yezigidi zabalandeli isezandleni zethu,” kusho uNabi.
“Yingakho senza konke okusemandleni ukukhuthaza abadlali, sakhe iqembu eliqinile elizoletha le njabulo esiyibonile nasemidlalweni ezayo, kuyona yonke imiqhudelwano.”
Imidlalo yeLast 16 yeNedbank Cup kule mpelasonto:
NgoMgqibelo: 3pm - Marumo Gallants v AmaZulu FC; Orlando Pirates v Baroka FC;
6pm - Kaizer Chiefs v Chippa United
NgeSonto: 3pm - Mamelodi Sundowns v Mpheni Home Defenders