UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, unemizwa exubile ngendaba yesitobha, uKhuliso “Sailor” Mudau, okusabalele imibiko yokuthi ufunwa ngamaqembu aphesheya kwezilwandle.
UMudau (28) ujoyine iSundowns ngo-2020, esuka kwiBlack Leopards. Bambalwa abebezitshela ukuthi uzokwazi ukuqhakaza kuleli qembu ebelipheka lithulula kubadlali eminyakeni edlule.
Nokho useyenze eyakhe indawo yasemuva kwesokudla kumaBrazilians. Ukushaya into ecokeme, kuthambise nenhliziyo kumqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, obengayizwa indaba yakhe. Emuva kokuthi uMudau “evalele ebhodleleni” umgadli we-Ivory Coast , uWilfried Zaha, emdlalweni wobungani ngenyanga edlule, kuvele imibiko yokuthi ufunwa yiBurnely yase-England edlala kwi-English Premier League. IBurnely idlalelwa ngumgadli weBafana, uLyle Foster.
Umqeqeshi weSundowns uthe, “USailor akayi ndawo ngoba ngizicabangela mina. Siyabadinga abadlali bethu abaqavile futhi asilona iqembu elidayisayo, lokho kufanele kucace. Kodwa umuntu okuqondayo ukuthi impilo imayelana nokukhula futhi kunezifiso abantu abazibekele zona. Yindlela efanayo esibhekane ngayo nesimo sikaCasius (Mailula). Kunzima kunjalo ukudedela uCasius kodwa uma kukhona ithuba eliyingqayizivele, kunethuba lokukhula futhi izinhlangothi zihambisana, kubalwa neSundowns...(kulungile).”
“Kodwa angikwazi ukuyikhuluma okwamanje ngoba kuseyizinkulumo futhi akukho lutho olubekwe etafuleni okwamanje. Ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi ungumuntu olungile uSailor. Unenhliziyo enhle futhi ubaluleke kakhulu eqenjini lethu. Ubaluleke kakhulu. Ngakho kunzima ukuphawula ngalezi zinkulumo ngoba yizinkulumo nje. Akukho okuphathekayo. Uma ngiphendula kuphela njengomqeqeshi weSundowns, ngingathi bengalinge bamthinte. Kunzima. Yinto efanayo nokuya kwiMachester City uyocela uKyle Walker. Kunzima.”
UMudau ungene esiwombeni sesibili wenza adume ngakho ngesikhathi iSundowns yehlula ngo 2-0 omakhelwane, iSuperSport United, koweDStv Premiership ngoLwesithathu ebusuku. Ngokucosha amaphuzu amathathu, iSundowns ibuyele esicongweni se-log ekade igudluzwe kusona yiCape Town City.
“Kunzima ukwehlula iqembu elifana neSuperSport United. Lihlala lihlelekile. Amakhona nama-free kick kunzima ukubhekana nakho. Ngakho abadlali benze kahle kakhulu. Sakhe amathuba amaningi. Angazi ukuthi kwenzeke kanjani kuhlale kungu 2-0. Sithole inqwaba yamathuba. UPeter (Shalulile) ubengashaya amagoli amathathu, uLucas Ribeiro ubengashaya amanye. ULebo Maboe uthole amanye amathuba amabili amahle. Angikhumbuli uRonwen (Williams) kudingeke avimbe amabhola amabi. Ngakho ngiyaziqhenya ngaleli qoqo. Ngiyaziqhenya ngendlela elidlale ngayo futhi ngiyaziqhenya ngokuthi siwinile,” kusho uMokwena.
Kusasa ngo-3 ntambama, iSundowns izovakashela iTP Mazembe yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) emdlalweni wesibili wesigaba samaqoqo weCaf Champions League. Kowokuqala ivule ngamaphuzu amathathu yehlula iNouadhibou yaseMauritania ngo 3-0 ngempelasonto edlule.
I-United nayo izodlala owamaqoqo weCaf Confederation Cup ne-USM Alger yase-Algeria, ngeSonto ngo-3 ntambama, eLucas Moripe. Amatsatsantsa ashayiwe kowokuqala, ehlula iModern Future yase-Egypt ngo 1-0.