INHLOKO yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uManqoba “TV” Mngqithi, ibona ikusasa eliqhakazile kumlingani wayo okwiPolokwane City, uPhuti Mohafe, ngaphambi kokuthi baphinde banqwamane emdlalweni weBetway Premiership ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku eLoftus Versveld.
ISundowns neRise and Shine bazobhekana koweligi kusasa nje isesematheni indaba eyenzeke ngesikhathi la maqembu ebhekene emasontweni amabili adlule ePolokwane.
Sekungumlando ukuthi iPolokwane imangaze iSundowns ngegoli, likaBulelani Nikane, alishaye wasala echaya izandla, uDenis Onyango, owayevimbele iDowns ngalelo langa.
Isizini edlule idlalwe yaze yaphela iSundowns ingayazi induku ekuhambeni koweligi kodwa kulokhu isivele iyakwazi ukukhala ngaphansi ngenxa ka 1-0 wePolokwane wango-Okthoba 27.
Ngesikhathi uMngqithi ekhuluma ngezinhlelo zakhe zokubhekana neKaizer Chiefs osekungumlando ukuthi uyinabise ngo 4-0 kwiCarling Knockout ngempelasonto edlule, uthinte nendaba yobudlelwano bakhe noMohafe.
Kubhekwe lukhulu kulo mdlalo kwazise iSundowns izofuna ukubuyisa ngawo isithunzi iphinde ivale kahle kweyeligi ngaphambi kokuqala kweyamaqoqo eCaf Champions League ekhaya ne-AS Maniema Union yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) ngoNovemba 26.
“Nginobudlelwano obuhle nobude noMohafe kwazise sesisondelane cishe iminyaka ecela kwengu-10,” kusho uMngqithi.
“Sengike ngamtshela phambilini ukuthi unazo zonke izimfanelo zokuba omunye wabaqeqeshi izwe eliyothembela kubona eminyakeni ezayo. Ikhono lakhe ekuqeqesheni lisobala uma uwazi lo mkhakha esikuwona.
“Ngisho uhleli ebhentshini nawe ubheke okweqembu lakho kodwa indlebe iyamuzwa uma ekhuluma nabadlali bakhe ukuthi ungoweqophelo eliphezulu.
“Ubufakazi balokhu indlela iqembu lakhe elidlala ngayo kanti seliqalile nokukhiqiza abadlali abayinyama emaqenjini athathwa njengamakhulu.
“Kusemqoka ukuya ngokucophelela emidlalweni ethinta uMohafe ngoba uma unganakile ungazithola usukhala ngaphansi njengoba kusanda kwenzeka.
“Iqembu lakhe liyingozi. Ngiyamhlonipha ngomsebenzi wakhe kanti futhi ngiyazi ukuthi ngohlobo lwabadlali analo alikho iqembu angeke alehlule uma ehlele ukwenza lokho,” kusho uMngqithi.