Stellenbosch FC (1) 1
Kaizer Chiefs (1) 3
KUQOPHEKE umlando kwiPremier Soccer League (PSL) ngesikhathi umgadli weKaizer Chiefs odabuka eBurundi, uBonfils-Caleb Bimenyimana, eba ngowokuqala ukushaya amagoli amathathu wonke kungamaphenathi emdlalweni weligi kusukela yasungulwa ngo-1996.
Igoli likaNhlanhla Mgaga weStellies, yilona elivule inkundla emdlalweni weDStv Premiership obuseCape Town Stadium ngeSonto, ngaphambi kokuthi uphenduke umbukiso wamaphenathi kaBimenyimana.
IStellenbosch iwuqede ingasaphelele kulandela ukukhishwa ngekhadi elibomvu kukakaputeni wayo, uMogamad de Goede esiwombeni sesibili, edala enye yamaphenathi.
IChiefs igxumele endaweni yesine kwi-log.
La maqembu abehlangana okokuqala kusukela iChiefs ikhiphe iStellies sekukhahlelwa amaphenathi kwi-quarter final yeMTN 8 emasontweni ambalwa adlule.
Ngenxa yesigwebo samakhadi, kuZitha Kwinika, iChiefs iphoqeleke ukuthi iqale umdlalo ngoSiyabonga Ngezana emuva, obe namaphutha ngasekuqaleni kwesizini waze waphenduka isitha kubalandeli.
Bekungokokuqala uNgezana eqala umdlalo emidlalweni yeligi eyisishiyagalombili kodwa uwuqede sekumnandi phakathi kwakhe nabalandeli.
U-Ashley du Preez obekwiStellies ngesizini edldule, ucishe wabeka iChiefs ebuhleni umdlalo uqala kodwa wavinjwa ngunozinti uSage Stevens, obevimbele iqembu lasekhaya.
Iphutha likaNjabulo Blom, ngomzuzu ka-30 litholele uMgaga igoli alishaye enethini wasala enkemile u-Itumeleng Khune emapalini eChiefs. UKhune akazange asiqede isiwombe sokuqala ngenxa yokulimala, indawo yakhe yathathwa, nguBrendon Petersen.
Kuthe abamudle bamfele unondweba uTshidiso Maruping, abadlali beStellenbosch ngesikhathi ebeka iphenathi esolisayo. Wayishaya phakathi uBimenyimana ngomzuzu ka-45.
Kubuywe ngephenathi esiwombeni sesiibli, itholwa yiChiefs kulandela ukuthi ibhola lishaye esandleni sikaFawaaz Basadien. Iphinde yathathwa wuBimenyimana oyinamathisele enethini.
Kudlule kancane emizuzwini engu-10 zibuyile ekhefini, uBimenyimana wathola enye futhi iphenathi nayo wayinamathisela enethini.
Kulokhu udlaliswe kabi, nguDe Goede, okuyilapho kuphume khona ikhadi elibomvu.
Uphunyuziwe uBimenyimana obeseshaye amaphenathi amathathu kwazise ubesevele enekhadi eliphuzi futhi sekukade eqalile ekhuzwa.
Kungene uNkosingiphile Ngcobo endaweni yakhe, ngomzuzu ka-59.
Ngemuva kwala maphenathi kube sengathi izinhlangothi zombili ziyawamukela umphumela, umdlalo wahamba ngenothi eliphansi kwaze kwaba uyaphela ngaphandle kweminye iminyakazo ebonakalayo.