UMARK Fish, ongenye yezinkakha zebhola zaseNingizimu Afrika ezivumbuluwe nguJomo Sono ngeJomo Cosmos, ubalisa abuye nganeno ngokudliwa yizembe kwaqembu likaJomo.
UFish, oyibambe kwiCosmos ngaphambi kokuya kwi-Orlando Pirates anqobe nayo iCaf Champions League, ubekhuluma njengenxusa le-2022 Cosafa Cup eMoses Mabhida Stadium ngesikhathi eveza ukuthi kukhona nokuzenza ekudliweni yizembe kweCosmos.
ICosmos igawulwe yizembe kwiGladAfrica Championship emuva kokuqeda isemsileni.
Ngesizini ezayo iqala impilo kwiSafa ABC Motsepe League, okunzima kakhulu ukuphuma kuyo.
“Kimi kubuhlungu kakhulu okwenzeka kwiJomo Cosmos. Kade ngizwa nje abanye bekhuluma ukuthi izinto zishintsha isigubhukane. Kunjalo kwesinye isikhathi.
“Mina kodwa angiboni kanjalo. Okunalokho ngibona sengathi okwenzeke kwiJomo bese kunesikhathi eside kumnyonyobela,” kusho uFish ngemuva kokuqhatha amazwe azodlala kwiCosafa, ezoba seThekwini kusuka ngoJulayi 5-17.
“Okubuhlungu wukuthi siyakwazi akwenzele umdlalo webhola, akwenzele thina njengeningi labadlali abadlule ezinhlakene zeCosmos. Khona likhulu ithemba lokuthi uzovuka azithathe emuva kwesikhathi esingesingakanani kulesi simo esibuhlungu ngale ndlela.”
ICosmos iqede isendaweni ka-15 kwiGladAfrika. Ibibambene ngamaphuzu angu-15 neTS Sporting, yona ukuhamba kwayo okungenalo idumela elifana neleZenkosi.
ICosmos isungulwe ngo-1983 uSono ethenga ubulungu beHighlands Park ebuya ekudlaleni e-USA.
Yize sisikhulu isililo ngeCosmos kodwa inomlando omuhle wokubuya ezembeni, eliyidle kahlanu esigabeni esikhulu.
Ukukhala abuye nganeno kukaFish kunanelwa kahle ngamazwi ake ashiwo ngenye yezinkakha zaleli qembu, uLefa Tsutsulupa, wayikhomba isekude eyezembe kwiCosmos.
UTsutsulupa wasola uSono ngokuzidonsela yena amanzi ngomsele ngokunganqeni ukudayisa abadlali bakhe beqophelo eliphezulu ngisho phakathi nesizini (ngoJanuwari).
Aqhathwe kanje amaqembu kwiCosafa:
Iqoqo A: Angola, Comoros, Seychelles, Botswana
Iqoqo B: Lesotho, Malawi, Mauritius, Eswatini
Imidlalo yama-quarterfinal yeCosafa Cup:
Madagascar v Namibia
Zambia v Iqembu elizonqoba kwiGroup A
South Africa v Mozambique
Senegal v Iqembu elizonqoba kwiGroup B.