UZOQALA ukugijima imijaho yaphesheya kwezilwandle kulo nyaka, uMatthews Leeto ohlabane ngomklomelo weBest Male Athlets of the Year kumaGauteng Hollywoodbets AC Awards.
ULeeto ushaye emakhanda uReghem Mgawai noCollin Mulaudzi. Emunxeni weBest Female of the Year, u-Irvett van Zyle uhlule uCian Oldknow noRutendo Nyahora.
UCian ungomunye ohambe enyinyitheka njengoba enqobe oweMost Improved Female noweMoment of the Year.
ULeeto odabuka eZeerust, eNorth West, uthe ukuthola umklomelo kusho lukhulu.
"Ngibonga kakhulu kwabeHollywoodbets. Lokhu kusho ukuthi iyabonakala imisebenzi yami. Lokhu kunqoba kungigqugquzela nasekutheni ngilwe ngakho konke, ukuze kuzofezeka amaphupho ami," kubeka eLeeto owenze kahle ngonyaka odlule.
Ekuqaleni konyaka, uLeeto ube ngomunye obemele izwe kumaWorld Cross Country Championships, eBathurst e-Australia. Akuhambanga kahle, ulale kweyesi-44. Uphume kweyesishiyagalombili kwiNelson Mandela Bay Half Marathon, ngesikhathi esiwu-1:01.38.
Ugijime nemara-thon yokuqala, iSanlam Cape Town Marathon enze kuyo esiwu-2:15.35,waphuma endaweni ka-15. Ngaphezu kwalokho wenze isikhathi esihle kunazo zonke aseke wazigijima kwi-10km ngesikhathi eshaya esingu-28:25 kwi-Absa Run Your City Durban.
ULeeto utshele Isolezwe ukuthi kulo nyaka uzogxila kuma-half Marathon (21km).
"Inhloso enkulu kulo nyaka wukugijima imijaho yaphesheya kwezilwandle. Ukuqhudelana nezinyamazane zomhlaba kuzongikhulisa kakhulu.
Ngisazohlala phansi nomqeqeshi nekilabhu, sihlele imijaho engizoya kuyo phesheya. Ngizophinde ngigijime ibanga lika-5000 nelika-10 000. Isifiso sami wukumela izwe lami kuma-Olympic Games kula mabanga," kuqhuba uLeeto.
Lo mgijimi uzomela iNingizimu Afrika kumaWorld Cross Country Championships, ngoMashi 30, eBelgrade eSerbia. Ama-Olympics aqala ngoJulay 26, aphele ngo-Agasti 11, eParis, eFrance.