UKAPUTENI we-Argentina, uLionel Messi, uyabuqonda ubunzima ababhekene nabo kulandela ukuvula kabi imidlalo yeNdebe yoMhlaba lapho behlulwe i-Saudi Arabia kowokuqala kuGroup C kulo mqhudelwano oseQatar.
UMessi nozakwabo basale bephoxekile futhi kucaca ukuthi bashaqekile ngokuhlulwa i-Saudi Arabia ngo 2-1 kulo mdlalo obungoLwesibili.
Manje lo kaputeni nozakwabo bamelwe ukuqoqa amaphuzu amathathu kwiMexico ezofika ihambela phezulu kusasa ngo-9 ebusuku eLusail Stadium.
Uma behluleka ukwenza lokhu, bangazithola besendizeni ebheke ekhaya kwazise wonke amanye amazwe akuleli qoqo anokuthile emgodleni, (iMexico nePoland banephuzu bese kuthi iSaudi Arabia inamathathu).
Emva kokuqala ngebatha kwaleli qembu elingelinye lathishwe ukuhamba ibanga elide kule Ndebe yoMhlaba, uMessi ubhoboke ngobuhlungu nempoxo ehambisana nokushaywa kwabo kodwa wakuveza nokuthi isimo abakusona siphoqa ukuthi bangabe besaba nalo ithuba lokucasha ngesithupha.
Bese kudlule imidlalo engu-35 ompetha beCopa America bengayazi induku njengoba beshaywa iqembu ebeliwina umdlalo wesine koweNdebe yoMhlaba kusukela ngo-1994.
Ngemuva komdlalo uMessi uthe akukho yena neqembu aliholayo abebengacasha ngakho kodwa lo mphumela uzobenza ukuthi babhukule kakhulu kunakuqala.
“Akukho esingacasha ngakho ngaphandle kokuvuma induku kodwa ngiyathembisa ukuthi lo mphumela uzokwenza sibumbane kakhulu kunakuqala,” kusho uMessi esithangamini nabezindaba seFifa ngemuva komdlalo eQatar.
“Kusobala ukuthi siseqoqweni elinzima ngakho-ke sekulele kithina ukuthi sikhombise ukuthi siqine kangakanani ukuze sijike izinto kulona (iqoqo).
“Sekunesikhathi eside sigcine ukuba kulesi simo esikusona (ukuhlulwa) ngakho-ke lo mphumela usishaye ngendlela efanayo sonke ekhempini.
“Besingakulindele ukuthi singaqala ngebatha njengoba senzile kodwa-ke izinto zenzeka ngoba kunesizathu empilweni,” kusho uMessi kwiFifa.
Uhlabe ikhwelo kozakwabo ngokubaluleka kokunqoba imidlalo elandelayo neMexico nePoland.
“Kusuka manje siyoqala amalungiselelo emidlalo ezayo (esho owakusasa) ngoba alisekho ithuba lokucasha ngesithupha kodwa kumele siyinqobe imidlalo esele, inzima injalo” kuphetha uMessi.