ISIHLABANI somdlali wase-Argentina, uLionel Messi, sithembisa ukuthi sisazoqhubeka nokudlalela iqembu lesizwe lase-Argentina, yize sesilifezile iphupho laso lokunqoba iNdebe yoMhlaba.
UMessi (35) ushaye iphenathi esiwombeni sokuqala waphinde washaya elinye igoli esiwombeni sesibili sesikhathi esengeziwe emdlalweni wamanqamu obuseLusail Stadium, eDoha, ngeSonto ebusuku, ophele ngo-3-3 zibambene neFrance.
Ngesikhathi sekukhahlelwa amaphenathi uphinde wayibeka phakathi eyokuqala ye-Argentina ezakhe zagcina zinqobe ngo-4-2.
Ukuqinisekisile ukuthi ubegijima okokugcina eNdebeni yoMhlaba kodwa usazodlala eqenjini lesizwe.
"Akusekho engisazokucela ngemuva kokuthola le ndebe. Ngibonga uNkulunkulu ngoba ungiphe konke. Sengizuze konke ebholeni futhi sengibheke ezinsukwini zokugcina zokudlala," usho kanje ekhuluma nesiteshi sethelevishini sase-Argentina, iTyC Sports.
"Ngikwazile ukunqoba iCopa America ngemuva kokuzama iminyaka eminingi futhi manje sengithole neNdebe yoMhlaba. Umsebenzi wami usuzofika ekugcineni kodwa ngiyalithanda ibhola, ngiyakuthanda engikwenzayo, ngiyakujabulela.
“Ngiyakuthokozela ukuba seqenjini lesizwe futhi kusobala ukuthi ngisafuna ukuqhubeka ngidlale eminye imidlalo, sengidlala ngiwumpetha womhlaba."
UMessi uphakamise inkomishi yokuqala neqembu lesizwe elikhulu lesizwe ngesikhathi i-Argentina iguqisa iBrazil ngo-1-0 kowamanqamu weCopa America ngoJulayi.
Wayekhona eqenjini elashaywa yiGermany ngo-1-0 kowamanqamu eNdebeni yoMhlaba eyayiseBrazil ngo-2014.
Uwine i-UEFA Champions League izikhawu ezine neBarcelona, wanqoba iFifa Club World Cup amahlandla amathathu, wadla inqwaba yezicoco zeligi neminye imincintiswano.
“Iqiniso wukuthi ukunqoba le nkomishi yinto ebengivele ngiyifisa futhi njengoba sengiyibambile ngizizwa ngijabule ngempela, yinhle kakhulu,” uqhube kanje kwabeTyC Sports.
"Bengiyifuna kakhulu futhi ngasho phambilini ukuthi ngikholwa ukuthi ngizoyithola. Bekunzima kakhulu kodwa ekugcineni sisebenze kanzima njengeqembu ukuze siyithole.
"Bonke abadlali bafuna ukunqoba iNdebe yoMhlaba kusukela besebancane kakhulu. Nginenhlanhla ukuthi sengiziwine zonke izinkomishi ezinkulu ezikhona ebholeni."
UMessi uqokwe njengomdlali ovelele kulo mqhudelwano wathola indondo yeGolden Ball. Lo mklomelo wawuthatha nango-2014.
Uqokwe njengomdlali ovelele emidlalweni emihlanu ayidlale eQatar, okuhlanganisa nowamanqamu.
Usedlale imidlalo engu-26 eNdebeni yoMhlaba, waphula irekhodi ebeliphethwe nguLothar Matthaus waseGermany, osewawagaxa emgibeni amakhokho.
Abanye abadle imiklomelo eNdebe yoMhlaba:
– Golden Glove Award: Emiliano Martinez
– Golden Boot Award: Kylian Mbappe
– Young Player Award: Enzo Fernandez