UMGADLI weCape Town City, uKhanyisa Mayo, uthi ukuhlabana ngeLesley Manyathela Golden Boot Award, ngesizini edlule, kumlolile futhi kwamfaka ugqozi lokulwela ukuzuza lo mklomelo futhi nangesizini ezayo.
UMayo (24), ushaye amagoli angu-12 eligi, wabelana ngomklomelo weLesley Manyathela Golden Boot noPeter Shalulile weMamelodi Sundowns, naye oshaye amagoli esibalo esifanayo.
Empeleni ukuba uMayo, wakwazi ukushaya igoli emdlalweni wokugcina wesizini ka-2022/23 yeDStv Premiership ngesikhathi ezakhe zishaya iKaizer Chiefs ngo 1-0, nguyena owayezokhala emuke nomklomelo angabangiswa muntu.
“Kusho lukhulu kimi ukuhlabana ngeGolden Boot ngesizini yami yesibili ngidlala esigabeni seDStv Premiership. Lokhu ngikuthatha njengegxathu eliya phambili njengomgadli ngoba ngisazimisele ngokuzuza okuningi ebholeni elikhokhelayo.
“Ngingasho ngaphandle kokungabaza ukuthi ngikhuthazeke kakhulu futhi ngizizwa nginogqozi lokuthi ngenze kangcono kakhulu ngesizini ezayo. Vele ukushaya amagoli ngumsebenzi wami njengomgadli, kuyinto engiqashelwe yona. Kodwa-ke ngaphandle kozakwethu engidlala nabo bengingeke ngikwazi ukuwashaya la magoli angu-12,” kusho uMayo.
Lo mgadli oyindodana kaPatrick Mayo, owazakhela igama kwiSupersport United neKaizer Chiefs eminyakeni edlule, uthi uyafisa ukushaya isibalo samagoli angaphezulu kwalawa angu-12 awashayile ngesizini edlule, inqobo nje uma engathola amathuba akahle phambi kwamapali.
“Ngicabanga ukuthi ukuze umgadli akwazi ukushaya amagoli amaningi, kuncike ekutheni uyakwazi yini ukuba sendaweni efanele ngesikhathi esifanele. Awasebenzise ngendlela efanele namathuba awatholayo phambi kwamapali, nokuyinto engisebenza kakhulu ngokuzithuthukisa kuyona ukuze ngibe ngumgadli osezingeni eliphezulu.”
UMayo ojoyine iCity ngesizini ka-2021/22 esuka kwiRichards Bay FC, ngesizini yakhe yokuqala kuleli qembu, ushaye amagoli amane.
Ngemuva kokuyamaniswa namaqembu aseGauteng, okubalwa iKaizer Chiefs ebimfuna uthuli, lo mgadli umane welula inkontileka yakhe ngeminyaka emithathu.
“Cishe kuyiphupho lawo wonke umdlali odlala kwiDStv Premiership ukudlala kwelinye lamaqembu amathathu athathwa njengamakhulu. Kodwa-ke mina njengamanje iphupho lami elikhulu wukuzibona ngidlala e-Europe,” kusho uMayo, eshaya ngamafuphi, wenqaba ukwenaba ngokwelula kwakhe inkontileka neqembu lakhe
I-The Citizens eqede amathemba eChiefs okudlala kwiCaf Confederation Cup ngesizini ezayo, izovula nawo Amakhosi kwiMTN 8 ngesizini ezokwethwasa ka-2023/24.