SITHEMBISO MKHIZE
USHAUWN " MaMkhize" Mkhize oyinjinga yaseThekwini nobuye abe umengameli weRoyal AM, udalula isizathu esiholele ekutheni bashaye phansi ngonyawo, bangamdedeli umgadli wabo uVictor Letsoalo.
Lo mgadli ongomunye wabadlali abathengwe uMaMkhize kanye nesitifiketi seBloemfontein Celtic sokudlala kwiDStv Premiership ekuqaleni kwesizini. Ubefunwa izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates njengoba bekuvulwe iwindi lokudayiselana ngabadlali ngoJanuwari.
Kuvele nemibiko ethe eZimnyama bezizimisele ngokuhambisa kwiRoyal AM umgadli wazo, uGabadinho Mhango zithathe uLetsoalo olele isibili kwiligi ngokushaya amagoli.
Usevalele enethini ayisishiyagalombili. Ulandela uPeter Shalulile onawu-13.
Engxoxweni ekhethekile Isolezwe elibe nayo noMaMkhize, uveze ukuthi bebezobe bazibulele bona ukuba badedele uLetsoalo.
"Ikilabhu yethu isebenzela ohlelweni lweminyaka emithathu. Le isizini yokuqala sithenge iqembu, konke kusahamba njengokuhlela kwethu. ULetsoalo ungomunye wabadlali abayizinsika zalolu hlelo lwethu. Ukube simdedelile ngoba nakhu sibona imali besizolahlekelwa okuningi. Impela akhona amaqembu abemfuna kodwa bekungeke kulunge ahambe, " kubeka uMaMkhize.
Inkontileka kaLetsoalo neRoyal AM obuye adlale kwiBafana Bafana, iphela ngoJuni ngo-2023.
Ungelinye lamasosha omqeqeshi uJohn Maduka njengoba esembophele kweyeligi ewu-15.
NgoMgqibelo ngo-3 ntambama, eChatsworth Stadium, iRoyal AM izobhekana neCape Town City kowe-Last 32 Nedbank Cup.
Umpetha weNedbank Cup uthola ithuba lokudlala kwiCaf Confederation Cup.
Ebuzwa uMaMkhize ngezinhlelo zabo ngale nkomishi, uthe: " Yebo kwenzeka noma yini kwiNedbank Cup, nakuba kunjalo kumele siqaphele. Ukuhala kungagcina kusifaka enkingeni. Njengoba sengishilo sinohlelo esisebenza ngalo. Ngesifanayo nakwiligi, ukulwela ukudla isicoco sayo siyoze sikubone ngo-2023/24. Engingakusho ngomdlalo weCity ukuthi kuzoba owamagqubu. Iyona yodwa kule sizini esishayele ekhaya. Sizimisele ngokubuyisa izinduku.“
Ngenyanga edlule iThwihli Thwahla idedele abadlali abawu-15 okubalwa kubo uJackson Mabokgwane, Harris Tchilimbou, Tshepo Liphoko, Mzwanele Mahashe, Motebang Sera, ukusho abambalwa.
Isayinise uThabo Matlaba, Mxolisi Macuphu, unozinti uMarlon Heugh, noShaun Mogaila.
UMaMkhize uveze ukuthi uchithe le nqwaba ngoba eyizwela.
"Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi sithenga iCeltic besivele sinabadlali abebedlalela iRoyal AM isayibamba kwiGladAfrica. Lokhu kwenze saba nesibalo eseqile sabadlali. Sonke siyazi ukuthi uma umdlali engalitholi ithuba lokudlala izinga lakhe liyehla. Sibone kukuhle ukuthi sibadedele ukuze bathole ithuba lokudlala kwamanye amaqembu. Ukubagcina bekuzofana nokubulala ikusasa labo. Nokho ngiyajabula ukuthi bonke abadlali (abafike neCeltic nabakade bekhona) balitholile ithuba lokuheha iso labaqeqeshi,“ kuphetha uMaMkhize.