UMENGAMELI weRoyal AM, uShauwn "MaMkhize" Mkhize, ukholwa wukuthi ukusondeza uPitso Mosimane, ethimbeni labaqeqeshi kuzobasiza njengoba bezodlala kwiCaf Confederation Cup kwisizini entsha.
Ngesonto eledlule, uMaMkhize ushukumise abalandeli bakanobhutshuzwayo nezinkundla zokuxhumana ebonakala nendodana yakhe, u-Andile Mpisana, behamba noPitso "Jingles" Mosimane lapho kuziqeqeshela leli qembu eMgungundlovu.
Ngababodwa abebezibuza ukuthi ngabe uMaMkhize usesayinise uMosimane yini?
Ebuzwa uMaMkhize ngolokhu, uthe balethe uMosimane ukuzothekela ngolwazi ethimbeni labaqeqeshi bezakhe ngaphansi ngohlelo lwalo mqeqeshi onamava olubizwa nge-Master Class.
UMosimane uwine isicoco seCaf Champions League neMamelodi Sundowns kanye, wasiphinda kabili ne-Al Ahly yase-Egypt. Lo mqeqeshi onenqwaba yezicoco zakuleli ngaphansi kwegama lakhe, ugcine ehlukene naleli qembu lase-Egypt ngoJuni nonyaka.
“Sonke siyazi ukuthi silibhekisa kwiCaf Confederation Cup. UPitso simbizele ukuzosiqeqeshela lo mqhudelwano. Asikho isidingo sokukhuluma okuningi, sazi kahle ukuthi imidlalo yase-Afrika uyazi njengoba ezazi. Usedlale iminyaka kuyo namaqembu ehlukene.
“Uzohlala nathi isonto lonke esicobelela ngokumele sikulindele kule midlalo. Uma kuphela isonto uzohamba. Kuzothi uma sekuphume uhlu lwamaqembu esizodlala nawo kwiConfederation Cup, bese ephinda eshaya ibuya,” kusho uMaMkhize.
Uthe bazimisele ngokuhamba ibanga elinde kulo mqhudelwano yingakho beqokelela lonke olwazi olungabasiza.
“Sifuna usizo lukaMosimane ngoba sifuna ukuhamba ibanga elide kwiConfederation Cup. Eminyakeni embalwa ezayo, sifuna ukuba ngelinye lamaqembu ahlonishwayo e-Afrika. KwiConfederation Cup kasiyele ukuyongeza isibalo samaqembu kodwa siyodlala ibhola esaziwa ngalo.”
IRoyal AM iqede endaweni yesithathu kwiDStv Premiership ngesizini edlule obekuyisizini yayo yokuqala esigabeni esikhulu, nokuyinike ithikithi lokuya kulo mqhudelwano.
Kwisizini entsha, izobe icijwa ngokubambisana uKhabo Zondo, Dan Malesela no-Abram Nteo. Laba bathathe ngemuva kokushiya kukaJohn Maduka obeyiqeqesha ngesizini edlule.
UMaMkhize uthe akangabazi ukuthi laba baqeqeshi bazokwenza umsebenzi oncomekayo.
“Engigabe ngakho ukuthi bonke laba baqeqeshi banamakhono ehlukene. KwaZulu-Natal kasibancinyana, kumele sibe namaqembu ahlonishwayo. Leyo nhlonipho uyithola ngokwenza kahle."
Lo mphathi ube esebuzwa ngemibiko yokumiswa kukaSinky Mnisi oyisikhulu esiphezulu saleli qembu. Umile kwimpendulo ayinika leli phephandaba phambilini.
"IRoyal AM kayikaze ithi imise uMnisi. Okuningi thina sikuzwa ngani bantu bezindaba. Ngaleyo ndlela ngeke ngikwazi ukuphawula ngalolo daba".
Isizini ka-2022/23 yeligi , iThihli Thwahla izoyivula neKaizer Chiefs ngoMgqibelo ngo-5.30 ntambama, eChatsworth Stadium, eThekwini.