IGOLI elishaywe wumgadli wakuleli, uCassius Mailula, umdlalo usuyophela lehlise ingcindezi kumqeqeshi weWydad Athletic, uRhulani Mokwena.
UMailula ulibeke phakathi ngebatha emzuzwini ka-88 ngesikhathi leli qembu elizinze eCasablanca liguqisa iFUS Rabat ngo 1-0 koweBotola Pro 1.
Bekuyigoli lokuqala likaMailula selokhu abolekiswa kwiWydad ekuqaleni kwesizini, esuka kweligijima kwiMajor League Soccer, iToronto FC.
UMokwena uthe kuyamjabulisa ukuthi lo mdlali ake amqeqesha kwiMamelodi Sundowns useqalile ukuzibonakalisa ekubeni besekunengxenye ethile yabalandeli emgxekayo.
Ngesonto eledlule waphuma esegadwe amaphoyisa ejikijelwa abalandeli ngemuva kokuhlulwa.
“Okuhle kakhulu ukuthi ngesikhathi bethi abamfuni uCassius uvele washaya igoli futhi wakha amathuba amahle. Wakhele uNassim (Chadli) ithuba elihle futhi ube nesandla esikhulu kuleli goli eligcine liphikiwe,” kusho uMokwena ekhasini iMCG24 Maroc kwiYouTube.
“Yingakho singabaqeqeshi abanye bengabalandeli. Kweminye imidlalo sithatha izinqumo kodwa kungahambi kahle kodwa kuba mnandi uma izinto zihambe kahle. Ngiyaziqhenya ngomzamo wabo bonke abadlali.”
Lo mphumela ushiye iWydad endaweni yesine ngamaphuzu angu-14 emidlalweni eyisishiyagalolunye. Isele ngamaphuzu ayisithupha eqenjini eliqhwakele, iRSB Berkane, enamaphuzu angu-20 kweyisishiyagalolunye.
UMokwena uthe usabambelele ekutheni iqembu lakhe lisahamba kahle ekubeni lishintshe inqwaba yabadlali, licijwa yithimba elisha labaqeqeshi futhi lingaphansi kwezikhulu ezintsha.
“Ngifuna ukuhalalisela iqembu lonke, kusukela ebhodini ngokuseseka, abaphathi beqembu nabadlali. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali nabalandeli, ubafanele lo mphumela. Konke kuwumphumela wokubambisana,” uqhube kanje lo mqeqeshi.
“Sakha iqembu elisha futhi kuzothatha isikhathi. Ngiyakuphinda lokhu njengoba sesinqobile ngoba uma sihluliwe kuzwakala njengezaba. Siyasidinga isikhathi sokuqhubeka nalo msebenzi uma sibeke ithemba kumqeqeshi oneminyaka engu-37.
“Anginayo iminyaka engu-67. Angikho lapha okwesikhashana. Ngizele ukuzofunda, ukukhula, nokuthuthukisa naleli qembu. Inhloso ukuyazi kangcono iligi iBotola ukuze ngisize leli qembu liyinqobe.
“Lokho kuzodinga isikhathi nesineke. Ngiyethemba ukuthi ngizobe ngingasamdingi umhumushi maduze njengoba ngizimisele ukuthuthukisa ulwazi lwami lolimi lwesi-Arab nesiFrench,” kusho uMokwena.