UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka usethembe amava obengukaputeni we-Orlando Pirates uHappy Jele, ukwelapha ukuvuza kwezakhe emuva.
UJele (35) usadlale ibhola elikhokhelayo kwiPirates kuphela kusuka ngo-2006/2007 yaze yamdedela ngesizini edlule enqaba umsebenzi wasehhovisi ebimthembisa wona.
IRoyal ibalwa neStellenbosch neLamontville Golden Arrows emaqenjini avuza ngokweqile kwiDStv Premiership kule sizini.
Njengamanje uJele, onesonto esayine kwiRoyal, usadonsa isigwebo sekhadi elibomvu alithole iPirates ibhekene neSuperSport United ngesizini edlule.
“Unamava amangalisayo njengoba eneminyaka aqala ukudlala esigabeni esiphezulu. Ungumholi futhi kusho lukhulu ukuba nomdlali onjengaye eqenjini lethu” kusho uMaduka.
“Sikholwa wukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzozwenza umehluko omkhulu eqenjini futhi sikubheke ngabomvu ukusebenzisana naye.
"Uzoletha lukhulu eqenjini."
I-Thwihli Thwahla ilungiselela ukududulana neCape Town City koweLast 32 yeNedbank Cup ozodlalelwa e-DHL Stadium eKapa ngeSonto ngo-6 ntambama.
La maqembu ahlangana esigabeni esifanayo kulo mqhudelwano ngesizini edlule kwanqoba i-AM ngo 2-1 eChatsworth Stadium, yaze yagcina ifinyelele kowandulela owamanqamu.
“Silindele umdlalo onzima kakhulu ikakhulukazi njengoba sizobe sidlalela ekuhambeni. Angazi ukuthi amaqembu aqhathwa kanjani ngoba nangesizini edlule sadlala nabo emzuliswaneni wokuqala,” kusho uMaduka.
"Ukunqoba umdlalo wethu weligi neGolden Arrows kusinika ukuzethemba esikudingayo. Silungiselela ukuqeda yonke into ngosuku olulodwa.“