UMQEQESHI weRoyal AM, uJohn Maduka, uthi bazimisele ngokuyivikela indebe yePrince Mangosuthu Legacy Cup abayinqoba nyakenye, njengoba ukudlala yonke imidlalo kuzobazisiza ukuzicija ngaphambi kokuqala kwemidlalo ye-Betway Premiership ngoSepthemba 14.
Lo mqhudelwano wokuhlonipha uMntwana uMangosuthu Buthelezi ongasekho, uzobanjelwa ePrince Mangosuthu Regional Stadium, oLundi, ngoMgqibelo.
Amaqembu azodlana imilala yiRoyal AM, Richards Bay FC, iNsingizini Hotspurs yaseSwatini eyiqembu elimenyiwe, neNjampela FC edlala kwiSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League.
INjampela yaKwaNongoma, ivale isikhala saMaZulu FC obekumele abe yingxenye yalo mqhudelwano kodwa agcina ehoxile ekhala ngesimo senkundla esingesihle nokusondela kokuqala kwemidlalo yeligi.
I-AM engompetha beLegacy Cup, izovula neRichards Bay emdlalweni ongo-9 ekuseni ngoMgqibelo, kowesibili ngo-11.30 ekuseni kutholane phezulu iNsingizini neNjampela.
Kuzobe sekulandela umdlalo wezinkakha zaKwaZulu-Natal nezeKaizer Cheifs, bese ngo-3.30 ntambama kube ngowamanqamu.
“Simagange ngokubamba iqhaza kulo mqhudelwano. Siyazi ukuthi umdlalo wethu neRichards Bay ngeke ubelula, ngoba nayo (iBay) izobe ifuna ukuwina, nathi sifuna ukuwina. Ekugcineni kodwa sifuna ukuyivikela le ndebe esayinqoba ngonyaka odlule, ngakho sizolwa,” kusho uMaduka.
“Lo mqhudelwano ubaluleke kakhulu kithina njengoba uyingxenye yamalungiselelo ethu okuqala kwesizini, kanti futhi ngakolunye uhlangothi sifuna ukukhombisa abantu basoLundi ibhola elihle elizobajabulisa.”
I-AM ngoJulayi idle umhlanganiso kwiKZN Premier’s Cup ngoJulayi, lapho beyidlala naMaZulu FC, Richards Bay, neMaritzburg United (esiyiDurban City).
Eqenjini le-AM elidle umhlanganiso kwiPremier’s Cup, kugqame kakhulu abadlali abasebancane abashaye into ecokeme.
“Sinabadlali abahle kakhulu abasebancane abafikayo eqenjini elikhulu, ngakho ukuze laba badlali bajwayele kahle badinga ukuhlanganiswa nabanamava ukuze bezoqina ukhakhayi. Sizobanika ithuba abadlali abasebancane kodwa sibadidiyele nabanamava ukuze iqembu libhalanse,” kusho uMaduka.
IThwihli Thwahla isalinde isinqumo seCourt of Arbitration for Sport (CAS) esizophuma ngoSepthemba 13, esizocacisa ngesigwebo esabhekene naso sokungakwazi ukusayinisa abadlali. Izovula isizini yePremiership ngomdlalo wasekhaya neCape Town City, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoSepthemba 14.