Orlando Pirates (2) 3
Baroka FC (0) 1
Amagoli amathathu ashaywe nguTshegofatso Mabaso afake i-Orlando Pirates kuma-quarterfinal eNedbank Cup ngesikhathi iguqisa iBaroka FC ngo 3-1 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Lo mgadli ushaye amagoli amabili esiwombeni sokuqala, wengenza ngelinye kwesesibili.
Elokubika leBakgaga lishaywe nguSydney Malivha phakathi nesiwombe sesibili.
EzikaMagebhula zisheshe zawuphatha umdlalo ngokugcina ibhola esiswini, kugqame kakhulu uKabelo Dlamini obephakela ozakwabo amabhola kuzona zonke izinhlangothi.
Ithuba lokuqala elikhulu livele ngomzuzu ka-19 ngesikhathi uRelebohile Mofokeng engena ebhokisini eqhamuka ngakwesokunxele ngaphambi kokudedela ishodi kodwa unozinti weBaroka, uMalcolm Jacobs, walichithela phezu kwepali.
Kudlule imizuzu engu-10 yabhakuza inethi. UDeon Hotto ugobe ibhola elihamba phansi engakwesokunxele, uMabasa walivalela phakathi ehamba yedwa.
Lo mgadli uphinde wathola ibhola elihle engamakiwe ngomzuzu ka-45 kulandela umnyakazo omuhle obuqalwe nguKabelo Dlamini noPatrick Maswanganyi, waphinde wangalenza iphutha. Kuyiwe ekhefini iqembu lasekhaya lihamba phambili ngo 2-0.
Umqeqeshi weziMnyama, uJose Riveiro, wenze ushintsho ngesikhathi sekuqala isiwombe sesibili, efaka uNdabayithethwa Ndlondlo endaweni kaMakhehleni Makhaula.
Kwale kancane ukuthi lo mdlali abingelele ngengoli ngomzuzu ka-52 kodwa ishodi lakhe lashaya i-crossbar selimudlile uJacobs.
Kuphinde kwamnyama amehlo kwiBaroka ngomzuzu ka-63. UMofokeng ulibeke kuMaswanganyi phambili, walishiya ngesithende kuMabasa, oshaye ishodi eliwumgundatshani layobhajwa enethini.
Nokho, Baroka ikhombisile ukuthi isazimisele ngokulwa ngesikhathi inciphisa igebe ngomzuzu ka-75 ngesikhathi uMalivha eyibeka phakathi i-freekick ebidalwe nguDlamini ngaphandle kancane kwebhokisi.
Leli qembu eligijima kwiMotsepe Foundation Championship lilitholile elinye ithuba kusadlule imizuzu emine kulandela iphutha elenziwe ngu-Innocent Maela emuva kodwa uClyde Combi wakha amabhilidi esebhekene nonozinti.
USipho Chaine uvimbe ishodi ebelishisa ebeliqhamuka kuDan Ndhlovu esikhathini esengenzwe ngunompempe, waqinisekisa ukuthi ezakhe ziyaqhubeka nomkhankaso wokuvikela le ndebe.
Komunye umdlalo we-Last 16 yeNedbank Cup obuseDr. Petrus Molemela Stadium, eBloemfontein, iMarumo Gallants iwashise AmaZulu FC ijezi, iwanqoba ngo 1-0.
Igoli elifake iGallants kuma-quarterfinal libekwe phakathi nguJunior Zindoga ngomzuzu ka-18.