UMQEQESHI wePolokwane City, uDuncan Lechesa, ufuna abadlali bakhe baqine ngokomqondo ukuze bezoqhubeka nokuhlala esicongweni se-log yeMotsepe Foundation Championship.
IPolokwane izenzele phansi ngempelasonto edlule idlala ngokulingana ngo-1-1 noThongathi eThekwini. Bekuwumdlalo wesibili kulandelana leli qembu laseLimpopo lihluleka ukuthola amaphuzu agcwele. Ekuqaleni kwenyanga libanjwe ngomakhelwane iBaroka ngo-0-0. Ukushaya into ephansi kwePolokwane sekuholele ekuncipheni kwegebe phakathi kwayo neCasric Stars esendaweni yesibili.
IStars ithole amaphuzu agcwele yehlula iPlatinum City Rovers ngo-2-1. IPolokwane isesicongweni ngamaphuzu awu-27 emidlalweni ewu-13. IStars isezithendeni ngawu-26 emuva kwemidlalo ewu-13.
"Sihlezi esicongweni. Wonke amaqembu afuna ukusehlula, ngisho amaqembu asezansi ayalwa. Kunengcindezi ukuhlala esicongweni. Kufanele sibambelele. Sidinga ukusebenza kanzima ikakhulukazi esimeni somqondo. Sidinga ukuqina ngokomqondo.
“Kufanele siqhubeke nokuhlala esicongweni. Luselude ukhalo. Asikawudlali nomzuliswano wesibili. Sisadlala owokuqala. Kusekude phambili. Kodwa kufanele siqhubeke ngokuhlala esicongweni. Kule ligi iyodwa into ebangwayo, wukwenyukela phezulu," kusho uLechesa.
Iqembu eliqeda esicongweni kwiChampionship lithola ithikithi elibheke ngqo kwiDStv Premiership kanti elithola indawo yesibili neyesithathu lidlala kweyokuhlunga.
Nakuba uLechesa eyigcizelela eyokuhlala esicongweni kodwa kungenzeka balale namuhla sebegudlukile eqhulwini. Lokhu kuzokwenzeka uma iCasric yehlula iCape Town All Stars eMpumalanga, emdlalweni ozoba ngo-3.30 ntambama. IPolokwane izogijimisana nePlatinum City Rovers kusasa ekhaya.
"Siphambili ngephuzu kuphela manje. Lokho akwanele. Kufanele sivule igebe lamaphuzu okungenani ayisishiyagalombili. Sinomdlalo ngoLwesithathu. Sidinga ukuwuwina lowo mdlalo noma kanjani," kusho uLechesa.
Imidlalo yeMotsepe Foundation Championship:
Namuhla - Ngo-3.30pm: JDR Stars v Baroka (Soshanguve Giant Stadium); TTM v University of Pretoria (Thohoyandou Stadium); All Stars v Black Leopards (Bidvest Stadium); Casric Stars v Cape Town All Stars (Solomon Mahlangu Stadium).
Kusasa - Ngo-3.30pm: Pretoria Callies v Magesi (Lucas Moripe Stadium); Hungry Lions v MM Platinum (Windhoek Draught Park); Polokwane City v Platinum City Rovers (Old Peter Mokaba Stadium); Venda Football Academy v Uthongathi (Thohoyandou Stadium).