UMQEQESHI weCameroon, uRigobert Song, uncome iqembu lakhe ngokulwa kuze kube sekugcineni ngesikhathi linqoba iGambia ngo 3-2 emdlalweni wamaqoqo e-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili.
I-Indomitable Lions bekumele iwunqobe lo mdlalo wayo wokugcina kuGroup C ukuze idlulele kwi-Last 16 ngenxa yokuthi ingene kuwona inephuzu emidlalweni emibili. Iqale lo mqhudelwano ngokubambana ngo 1-1 neGuinea ngaphambi kokuthelwa othulini yiSenegal ngo 3-1.
Bekubukeka sengathi sekuphelile ngeqembu likaSong ngomzuzu ka-85 ngesikhathi u-Ebrima Colley eshaya igoli elibeke iGambia phambili ngo 2-1 kodwa labuya ngomkhonto kaJames Gomez ogwaze ekhaya kusadlule imizuzu emibili.
UChristopher Wooh ube eseshayela iCameroon igoli lesithathu ngesikhathi esengezwe ngunompempe, laqeda endaweni yesibili ngamaphuzu amane.
“Izwi lami liyasha ngenxa yayo yonke imizwa yenjabulo. Ngenelisekile ngendlela abadlali bami abadlali ngayo. Ngishilo ngaphambi komdlalo ukuthi kufanele senze konke ukuze sithole amaphuzu amathathu. Bekungabalulekile ukuthi sidlale kanjani, inqobo nje uma siwatholile amaphuzu, futhi sikwazile ukukwenza lokho. Bekungelula kodwa siyifezile inhloso yethu. Siyazi ukuthi akukapheli,” kusho uSong ecashunwa yisiteshi seYouTube, i-Equinoxe TV, esithangamini nabezindaba.
“Ngasekupheleni komdlalo bese sisebenzisa uhlelo lwe-4-3-3, sakwazi ukugcina ibhola kangcono, nokuholele ekutheni sithole amagoli. Isimo sezulu sibe nomthelela ekusebenzeni kwabadlali bami, bekushisa kakhulu. Abakwazanga ukwenza esicele ukuthi bakwenze ngesiwombe sokuqala, obekuwukucindezela iGambia engxenyeni yayo yenkundla.Sikwenze kangcono ngesiwombe sesibili.”
ICameroon isizobhekana neNigeria emdlalweni we-Last 16 ozodlalelwa eFelix Houphouet Boigny Stadium ngoMgqibelo ngo-10 ebusuku. USong ukholelwa ekutheni iqembu lakhe lisazoqhubeka nokuthuthuka kulo mqhudelwano.
“Awukho umlingo. Kufanele sikuqaphele ukuthi siyiqembu elisathuthuka. Yisizukulwane esisha esidinga isikhathi kodwa ngiyajabula ukuthi sikwazile ukulwa ngale ndlela ngesikhathi sekusemqoka kakhulu,” usho kanje.
“Mhlawumbe bekufanele sidlule ezikhathini ezinzima ukuze abadlali babone ukuthi bafanelwe okungcono kunalokhu abebenakho emidlalweni emibili yokuqala. Ngibacelile ukuthi bazethembe futhi bayathuthuka nsuku zonke. Ngiyabahalalisela ngoba abakwenzile sekungaphezu kwalokho obekulindelekile. Kumele baqhubeke kanje.
“Ukulwa nokungapheli amandla kusengazini kithina. Ngokomlando uma kungalindelekile ukuthi senze kahle yilapho sivuka khona. Kuyiqiniso futhi ukuthi asikho isidingo sokuthi sihlale sizifaka kulezi zimo ezinzima. Ngingumqeqeshi osemusha, ngifunda nsuku zonke futhi sonke sifunda ngokwenza amaphutha. Ngisagcizelela ukuthi sizoqhubeka nokuthuthuka ngokuhamba kwesikhathi.”