UZIBONA ehlalelwe wumsebenzi wokuqinisekisa ukuthi abadlali bayakwazi ukuvuka bazithathe emdlalweni olandelayo umqeqeshi weMarumo Gallants, uDan Malesela.
IGallants imoshe ithuba lokukhuphuka kwi-log yeBetway Premiership ngesikhathi inqotshwa yiRichards Bay ngo 2-1 eKing Zwelithini Stadium ngoLwesibili ebusuku.
Okuphoxe u-’Dan Dance” kakhulu ukuthi bavumele iNatal Rich Boyz ibaphuce iqatha emlonyeni ngemizuzu yokugcina ekubeni isishoda kulandela ukukhishwa kuka-Yanela Mbuthuma ngekhadi elibomvu.
IGallants ibigadle kuqala ngegoli likaSekela Sithole ngaphambi kokuthi iBay iwantshontshe wonke amaphuzu ngamagoli kaJustice Justice Figuaredo noNtlonelo Bomelo umdlalo usuyophela.
“Kuthathe imizuzu emithathu nje kuphela ukuthi umdlalo uphenduke iphupho elibi. Sihluleke ukuziphatha nokugxila endleleni obekufanele sidlale ngayo. Abadlali sibadonse ngendlebe sabatshela ukuthi bagcine ibhola,” kusho uMalesela.
“Sikubeke kwacaca ukuthi kulungile uma sibambelela ku-1-0 kodwa uma silithola ithuba lokushaya igoli lesibili kufanele silisebenzise. Ibhola siligcinile kwaze kwaba khona ababona sengathi abasawuthokozeli umdlalo, bazenzela okwabo. Yilapho amaphutha eqhamuke khona, sangenelwa amagoli.”
Ngenxa yokulahla lawa maphuzu iGallants isahlezi endaweni ka-13 kwi-log ngamaphuzu angu-15 emidlalweni engu-15. Emdlalweni olandelayo izobhekana naMaZulu FC eMoses Mabhida Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Usuthu ludlale ngokulingana ngo 2-2 neKaizer Chiefs emdlalweni obungoLwesibili. UMalesela ukholelwa ekutheni lowo mphumela uzokwenza leli qembu libabone njengenyama kulo mdlalo wakusasa.
“Umdlalo olandelayo usubaluleke kakhulu. Iyiphi enye indlela esingabuya ngayo kulokhu okwenzekile? Kumele sibakhuthaze abadlali kulezi zinsuku ezimbili esinazo,” usho kanje.
“AmaZulu cishe anomfutho njengoba edlale ngokulingana neKaizer Chiefs. Asibona njengeqembu elihlulwe yiqembu elingaphelele. Nakanjani bazofika bezethemba.
“Sidinga ukugqugquzela abadlali bethu ngokuphindwe kabili kunalokhu obekufanele sikwenze. Kufanele sithole izixazululo, sithole izindlela zokubuya. Into esizoyisebenzisa ukwenza lokho wukubaluleka komdlalo nokuthi siyawadinga amaphuzu.
“Ngeke sifike lapha (eThekwini) sizolahla amaphuzu ayisithupha. Akusho lutho ukuthi sidlalela ekuhambeni. Sisesimweni lapho iphuzu linganele, siwadinga womathathu ukuze sibuyise isithunzi sethu.”