UVALELISE ngencwadi emfishane uSteve Komphela kwiMoroka Swallows, okumenyezelwe ngoMsombuluko, ukuthi ligqabukile igoda phakathi kwabo.
ISwallows esitatimendeni esikhiphile, ithe ukuhlukana kwayo noKomphela kube nokuthula.
Ngempelasonto iqembu lidlale oweDStv Premiership ngaphandle kukaKomphela. Emdlalweni liguqiswe yiPolokwane City ngo 1-0.
UKomphela ubhale ekhasini lakhe le-Instagram incwadi ayibhekise kubadlali beSwallows, kanjalo nabasebenzi beqembu.
Okuqaphekile ngencwadi wukuthi umqeqeshi akukho akushilo akubhekise kubaphathi beqembu.
‘’Ngithatha leli thuba ukubonga ukubekezela kwenu okumangalisayo.
‘’Kuyababazeka ukubekezela enikukhombisile ngesikhathi esifanayo nazibeka emuva ngokuqonda isimo ebesibhekene naso. Kunezikhathi lapho kwathina besingazi ukuthi sizothini kinina kodwa nalapho indlela ebeniziphethe ngayo ikhombisa ukuzazi, obekuhambisana nenhlonipho emangalisayo.
‘’Ngiyanibonga ngokuhlonipha kwenu unobhutshuzwayo, iPremier Soccer League (PSL) nabo bonke abalandeli bebhola kuleli. Ngiyohlale nginikhumbula futhi nginihlonipha njalo.
‘’Sengisonga, ngizothi kungconywana ngoba isimo sokubamba umoya ngenxa yokungaqondi okuzokwenzeka, sibukeka sengathi sesiphelile. ‘Nginifisela izibusiso nonke kusukela manje kuze kube ngunaphakade.
‘’Phezu kwezimo ebenibhekene nazo, nikwazile ukuqoqa amaphuzu angu-19 enizokwazi ukwakhela phezu kwawo. Ukwesekwa ebeninginika khona ngifisa nikudlulisele kubaqeqeshi, uMusa Nyatana, Ditheko Mototo noThela Ngobeni.
‘’Nginifisela okuhle kodwa bafowethu ngalo msebenzi obucayi onihlalele kodwa ngiyanethemba ukuthi nizowafaka wonke amandla eninawo kuwona,“ kusho uKomphela ngencwadi.
Njengokujwayelekile uKomphela owaziwa ngezinkulumo eziphicayo ezisuke zifuna ukuhlaziywa kabanzi, ube esevala ngokuthi- “Kuyicala ukungena lapho kuphunywa khona”.
Ikusasa likaKomphela bese lingasacacile kwiSwallows kusukela kwavela izinkinga zezimali ngoDisemba, okwaphoqa ukuthi iqembu lingayi emidlalweni emibili yeDStv Premiership.
Kusukela lapho kwavela ukuthi abaphathi beqembu batshela uKomphela ukuthi angezi eqenjini kuze kube abaphathi baxazulula izinkinga abebenazo nabadlali abebekhala ngokungaholelwa. Iqembu ligcine ngokuxosha abadlali abathile ngemuva kokubabizela esigungwini sokuqula amacala.
Libuye lasayinisa abanye kabusha, okwenzeke uKomphela engekho eqenjini. Eminye imithombo yacaphuna uKomphela ethi ngeke abuyele eqenjini kuze kube izikhulu ziyamazisa ngokwenzekayo kwazise yizona ezazimtshele ukuthi angezi ngesikhathi kusalungiswa izinkinga.