UQWEQWE lukanozinti weKaizer Chiefs, u-Itumeleng Khune, okubukeka sengathi uyavaleliswa emdlalweni weqembu wokugcina wasekhaya kwisizini, uphumele obala wasidweba sacaca isithombe ngekusasa lakhe kunobhutshuzwayo.
Ngaphambi kokuqala komdlalo osekungumlando ukuthi iChiefs ibambane ngo 0-0 kuwona nePolokwane City ngoMgqibelo, kube nomcimbi wokubungaza uKhune yize kungazange kucaciswe ukuthi ngowani. UKhune useneminyaka ewu-25 ekwiChiefs kanti inkontileka anayo iyaphela ngoJuni.
UKhune (36) ushaye izithombe nabaphathi beChiefs (oKaizer Motaung Jnr noBobby Motaung), ngaphambi kokumnika imihlobiso emibili ewumfanekiso wejezi likanozinti leChiefs elisayinwe yibona bonke abadlali.
Ngenxa yokuthi ikusasa lalo mdlali liyamfimfa kusukela eqondiswe ubugwegwe ngezinsolo zokufika ejimini ebukhile ngonyaka ofile, abaningi bazitshele ukuthi lo nozinti usewabeka ethala amakhokho.
Emuva komdlalo uKhune afakwe kuwona ngemizuzu yokugcina okungesinye sezizathu kubukeke sengathi uyavaleliswa, lo nozinti ukucacisile ukuthi usazibona enkundleni njengomdlali kumasizini ezayo.
“Ngithanda ukucacisa ukuthi bengingavaleliswa kepha iChiefs ikubeke kwacaca ukuthi ibingibonga ngeqhaza lami eqenjini kule minyaka engu-25 edlule esengiyihlale kuyona,” kusho uKhune kwiSuperSport.
“Indlela yami kunobhutshuzwayo iseyinde. Ngiyabonga ngakho konke unobhutshuzwayo ongenzele khona kule minyaka edlule kodwa lokhu akukhona ukunqamuka komshado.
“Ngokwazi kwami sizohlala phansi maduze nabaphathi beqembu sibhunge ngekusasa lami. Akukho osekuqinisekisiwe okwamanje,” kuqhuba yena.
“Ngizizwa ngisewumqemane ukuthi ngisengawadlala amanye amasizini ambalwa futhi intshisekelo yokukhipha konke enginakho ukuze kusizakale leli qembu engilithandayo isafana nakudala,” kuphetha uKhune.
Lo nozinti ukhuluma kanjena nje, ngesikhathi edlana indlebe neSolezwe ngokukhethekile ngonyaka odlule, wathi sekuxoxwe kwaqedwa ukuthi isizini ka-2023-2024 kuzoba eyakhe yokugcina njengomdlali.
Ngaleso sikhathi uKhune wabalula nokuthi ekupheleni kwayo (isizini) ubezohlala phansi neChiefs kuhlelwe ukuthi yikuphi lapho engaqhubeka khona afake isandlla eqenjini yize ebezobe engaseyena umdlali webhola elikhokhelayo.