IMENENJA ka-Itumeleng Khune, uThato Matuka, iveza ukuthi basalusebenza udaba lwekusasa lalo nozinti ophelelwe yinkontileka neKaizer Chiefs ekupheni kukaJuni.
Kuze kube yimanje iChiefs ithuli du ngokuthi ngabe lo mdlalo uzoqhubeka nokuba yingxenye yeqembu noma cha. Nokho ngesikhathi enikezwa inkontileka entsha ekuqaleni kwesizini edlule, iqembu lakuveza ukuthi eyokugcina njengomdlali.
Ngesikhathi sekuzophela isizini edlule iChiefs yahlonipha uKhune emdlalweni eyayibhekene kuwona nePolokwane City kodwa kwagcizelelwa ukuthi akusiwona umdlalo wokumvalelisa, kubungazwa iminyaka ewu-25 eyingxenye yeqembu.
Wathola ithuba lokuvimba kulo mdlalo nje, isizini yonke ubelizwa ngendaba ijezi. Uvimbe eyisithupha kuphela. Ezintini bekukhonya uBruce Bvuma. Kuyona isizini edlule, uke wazithola esobishini neqembu emiswa izinyanga esolwa ngokufika ejimini ephuzile.
UKhune ungomunye wabadlali abangaconsi phansi kubalandeli beChiefs ngenxa yokuhle akwenzele iqembu labo, enqoba nalo inqwaba yezicoco.
Ngaphandle kwalokho, ukhuliswe izona izinkulisa zawo Amakhosi. Uyena yedwa umdlali obese emdala eNaturena.
Lolu thando luphinde lugqame ngokuthi ujwayele ukuhamba phambili ngamavoti emiqhudelwaneni lapho okusuke kumele kuvote khona abalandeli njenge-Carling Black Label Cup.
Ngenyanga edlule, iChiefs iqome ukumshiya kade iya eTurkey ukuyokwenza amalunguselelo esizini ezoqala. Usejwayeleke ukubonakala ezinkundleni zokuxhumana enameke ama-video ejima ngayedwana.
Ezinyangeni ezedlule, uMatuka wathi kwiSolezwe ucela iChiefs inikwe ithuba ngesinqumo ezosithatha ngoKhune. Waveza ukuthi izingxoxo ziqale ngemuva kukaJuni 20, okuwusuku eyabuyela ngalo emsebenzini. Ethintwa ekuqaleni kwesonto, uthe izingxoxo zisaqhubeka.
"Udaba lukaKhune alufani nezinkontileka zabanye abadlali. Kucutshungulwa izinto eziningi. Ngeke luxazululwe esikhathini esifishane. Engingakusho nje ukuthi maduze kuzocaca ngekusasa lakhe kwi-Chiefs," kubeka uMatuka.
Iwindi labadlali abanezinkontileka liyavalwa Septhemba 20 kodwa uKhune nabanye abadlali abangenazo izinkontileka basangasayina namaqembu abafunayo noma yinini.
Kukhona amahebezi athi lo nozinti uhlela ukuwagaxa emgibeni amagilavu.
Mayelana naleyo nkulumo, uMatuka uthe uKhune usazibona esengavimba inqwaba yamasizini.
"UKhune usafuna ukudlala, umzimba wakhe usamvumela. Ubengakasithathi isinqumo sokugaxa amagilavu emgibeni. Iminyaka kayisho lutho uma usakwazi ukwenza umsebenzi," kusho uMatuka.
Kukhona nemibiko ethi iSekhukhune United icuthele ukumthatha lo uma kwenzeka engabuyeli kwiChiefs. Kukhona nethi izikhulu ze-Chiefs zihlela ukuthi anikwe umsebenzi ngaphakathi emahhovisi ayo. Inkinga isekutheni yena usafuna ukudlala.