AKAYIBONI izinza kwiBetway Premiership iMarumo Gallants uDylan Kerr, oyilaxaze kungakapheli ngisho inyanga emenyezelwe njengomqeqeshi omusha.
Ngokusho kukaKerr, usihlalo weGallants, u-Abram Sello, umuntu oqotho futhi onezifiso ezinhle kodwa unenkinga yokungungwa abantu abanezifiso ezihluke kakhulu kunezakhe.
UKerr isikhala sakhe esesivele sivalwe, ngoDan “Dance” Malesela, ukhulume neSolezwe izolo, lapho edwebe khona isithombe sokuthi bekungasebenzeki kulezi zinsuku ezizmbalwa azihlale kuleli qembu.
IGallants ikhiphe isitatimende khona ngoMsombuluko, lapho ibiqinisekisa khona ukusula kukaKerr nokuqashwa kukaMalesela.
Kulesi sitatimende, iGallants iveze ukuthi uKerr uqome ukusula ngoba ebengahambisani nezinhlelo zeqembu zokuba nabaqeqeshi ababili ababambisene.
UKerr uvumile kuleli phephandaba ukuthi eyokusebenza nomunye umqeqeshi ingenye yezinto eziningi abengahambisani nazo.
“Angifuni ukudweba isithombe esibi ngeqembu ngoba ngingaseyona ingxenye yalo kodwa engimzwela kakhulu usihlalo ngoba ngiyamazi ukuthi unezifiso ezinhle,” kusho uKerr.
“Ngendlela esizwana ngayo umengameli, nenkontileka yeminyaka emithathu obekuthiwa ngiyisayinile ibingekho kodwa mina naye besazi ukuthi sikhulume sabekanaphi.
“Kuningi obekungahambisani nendlela engenza ngayo izinto. Kuningi obesivumelana ngakho kodwa kwenzeke okuphambene uma eke wafulathela umengameli.
“Yini okufanele uyenze njengomqeqeshi uma yonke imibono oqhamuka nayo ingafiki ngisho kumengameli?
“Abadlali ebengibanike bona njengabangekho ezinhlelweni zami bagcinwe bonke. Kuningi okuphambene nokwenzeka kwiGallants kodwa angifuni ukwanda ngakho ngoba ngihlenga ubudlelwano bami noSello.
“Iqembu lakhe belingaya kude kodwa ngenxa yabasondelene naye, angiyiboni iGallants izinza isikhathi eside esigabeni esikhulu njengoba umengameli efisa,” kusho uKerr.
USello uthenge igunya leMoroka Swallows lokudlala esigabeni esikhulu.
UMalesela naye usanda kuhlukanisa isigubhukane kwiBaroka FC ngoMeyi, ngesikhathi imatasa nemidlalo yokuhlungela ukudlala esigabeni esikhulu sePremier Soccer League (PSL).
Nyakenye, uMalesela wamiswa emsebenzini kwiGallants esolwa ngokuphelelwa amaqhinga ukugwema induku ebisho masonto onke.
Sekungumlando ukuthi uKerr owangena esikhundleni sakhe njengoba sebephinda bephambana.
UKerr othe uyohlale ewumngani kaSello, akazimisele ngokuthatha omunye umsebenzi uma uvela kwiPSL.
“Ngisazohlala eMzansi ngoba izwe ngiyalithanda kodwa angiziboni ngigxumela omunye umsebenzi,” kuphetha uKerr.